Stellenbosch FC (0) 1
Mamelodi Sundowns (0) 0
IStellenbosch izibekisele indawo kowamanqamu eMTN8 okokuqala ngesikhathi inqoba iMamelodi Sundowns ngo 1-0 emlenzeni wesibili wowandulela owamanqamu obuseMoses Mabhida Stadium ngeSonto ntambama.
ULehlogonolo Mojela ushayele iStellies igoli edlule ngalo kule nkundla yaseThekwini ebisacuphe kuyona njengoba inkundla yayo, iDanie Craven Stadium ibingekho esimeni esifanele.
IStellies ingene enkundleni iwakweletisa amaBrazilians ngenxa yokuwaguqisa ngo 1-0 emlenzeni wokuqala owawuseLucas Moripe Stadium, okusho ukuthi idlule ngo 2-0 uma sekuhlanganiswa imilenze yomibili.
Leli qembu laseKapa elindlondlobala ngesivinini kowamanqamu selizobhekana nompetha bangesizini edlule, i-Orlando Pirates ngosuku nasenkundleni okusazomenyezelwa. Ezimnyama zizifake kowamanqamu ngokudlula kwiCape Town City ngo 3-1. Zizobe zibheke ukunqoba lo mqhudelwano amahlandla amathathu elandelana.
ISundowns isheshe yaphoqeleka ukuthi yenze ushintsho maphakathi nesiwombe sokuqala kulandela ukulimala kukaTerrence Mashego, obehla enyuka ngakwesokunxele., indawo yakhe yathathwa ngu-Aubrey Modiba.
Nakuba womabili amaqembu abewathola amathuba okubamba ibhola futhi efinyelela ngasemapalini kodwa yiStellies ebiyingozi kakhulu.
Ngomzuzu ka-29 ibhola ebelingqomfwe ngu-Andre de Jong liphume eceleni kancane kwepali.
Uphinde wabuya uDe Jong ngendlela efanayo kungakadluli nomzuzu, kulokhu uJody February obesemapalini eSundowns, walichilizela phezu kwepali ibhola abalandeli sebemi ngezinyawo, kwayiwa ekhefini zisabambene ngo 0-0.
Iqembu likaSteve Barker lisheshe lalinweba igebe esiwombeni sesibili, ngomzuzu ka-49. UDevin Titus ugqashule yedwa ngakwesokudla kodwa ishodi lakhe lavinjwa nguFebruary. Lelo bhola libuyele kuDe Jong ngakwesokudla, waligobela ebhokisini lapho lithole khona uMojela engamakiwe, walinamathisela enethini.
Abalandeli beStellies bese becabanga ukuthi sebeyayingcwaba iSundowns ngomzuzu ka-60 ngesikhathi uJayden Adams elibeka enethini ibhola ngekhanda kodwa kwatholakala ukuthi ubesemhlabeni ongamfanele.
Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi ube esedonsa uThemba Zwane, Kutlwano Letlhaku noMosa Lebusa, wafaka uKobamelo Kodisang, Thapelo Morena noLebohang Maboe kodwa ezakhe zaqhubeka nokuhluleka ukugqobhoza udonga lweStellies lwasemuva.
Ithuba elingcono litholwe nguPeter Shalulile, naye obeqhamuka ebhentshini, ngesikhathi ephenduka ebhokisini ngomzuzu ka-81. Nokho, ishodi lalo mgadli aligcwalanga, wazicoshela kalula unozinti weStellies, uSage Stephens.
Kudlule imizuzu emithathu iSundowns yacishe yazibuyisela emdlalweni ngesikhathi uLucas Ribeiro edonsa intambo ekude kodwa ibhola lakhe lashaya ipali.
UModiba uzame kabili ukunciphisa isikwelethu seqembu lakhe ngasekuqaleni kwesikhathi esengezwe ngunompempe. Ishodi lakhe lokuqala lishaye ipali, kwathi elesibili uStephens walichithela eceleni kwepali, kwaphela kanjalo ngeSundowns.