SIKHULU isililo somqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco, ngokuvaleleka komgadli wakhe ngakubo eNiger, uVictorien Adebayor.
Lo mgadli usohlwini lwabadlali abasayinwe ngaMaZulu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024, kodwa kuze kube yimanje, akakafiki eNingizimu Afrika.
Inkinga wukuthi akakayitholi iVisa ngenxa yezibhelu zombangazwe eNiger.
Kwenzeka lokhu nje, ezikaFranco zibhekene nenselelo yamagoli ngoba azikayiboniswa inethi selokhu kuqale isizini.
UFranco uthe akazi uzofika nini umgadli ngoba akukho ezandleni zakhe kodwa kusezithebeni zezikhulu zeqembu ukuba zixoxe neminyango efanela, ukuzama ukuphuthumisa eyodaba lweVisa yalo mgadli.
“Leyo akusiyo eyami kodwa iphakathi kwabantu bama-embassy nezikhulu zeqembu ezisezingeni lokuxoxa nabo ukuzama ukuphuthumisa indaba yakhe. Ngihlalele ethembeni lokuthi uzoba nathi maduze,” kusho uFranco.
“Sithole izindaba ezinhle kancane kodwa ezingamtoti kakhulu zokuthi angatheleka namuhla. Kungenzeka sibe sesimbala emdlalweni olandelayo kodwa kubukeka kungezukwenzeka.
“Siyathemba uma esefika u-Adebayor uzosilamulela kule nkinga yamagoli esibhekane nayo kule midlalo emibili eyedlule.”
AmaZulu asanda kudedela uFrank Mhango waseMalawi, osekwiSwallows.
U-Adebayor uzofika abange ijezi noJunior Dion wase-Ivory Coast, Augustine Kwem waseNigeria, Bongi Ntuli noVictor Letsoalo.
Abanye abadlali abethulwe ngaMaZulu, nguRowan Human, Victor Letsoalo, Andile Mbanjwa, Siyanda Hlangabeza, Celimpilo Ngema, Wayde Jooste, Mlondi Mbanjwa noMfanafuthi Mkhize.
U-Adebayor (26), ngesizini edlule unqobe iCAF Super Cup neBerkane, esike yahlula i-Orlando Pirates kowamanqamu eCaf Confederation Cup.
Lo mdlali useke waba nasemabhukwini eHB Korge yaseDenmark, kodwa izingqinamba ekuhambeni nomndeni wakhe, zibalwa ezintweni ezamenza wathwala kanzima waze wabuyela e-Afrika.
UFranco uthe usadinga ukuqinisa ngabadlali abathathu kanti kukhona noPhumlani Ntshangase, kwabazilolonga neqembu.