KUKHULU ukukhuluma ngeqoqo A le-2022 Fifa World Cup elibophele ompetha base-Afrika, iSenegal, futhi lingase libunjwe kabusha.
Leli qqoqo libophele iSenegal, osokhaya iQatar, Netherlands ne-Ecuador ukukhuluma okumayelana nayo ngenxa yomdlali wayo.
Eyokuthi liqalwe phansi iqine ngoLwesine emuva kokuthi engafikanga ecaleni abebizelwe kulo yiFifa umdlali we-Ecuador, uByron Castillo.
Lo mdlali odlale imidlalo eyisishiyagalombili ye-Ecuador yokuhlungela iWorld Cup, kuvela ukuthi uyiginsi elizalwe eColombia.
Isimangalo sifakwe yiChile ethi lo mdlali usebenzisa amaphepha okuzalwa angamanga;
– Okokuqala, kuthiwa akasiye owase-Ecuador kodwa ngowaseColombia.
– Okwesibili, kuthiwa akazalwanga ngo-1998 kodwa ngo-1995.
Sikhona nesitifiketi esivuna kokubili okushiwo yiChile, kanjalo nenkulumo yakhe eqoshiwe eveza ukuthi uzalwa eColombia.
Isike yalinqoba leli cala i-Ecuador kodwa iChile yalidlulisa phambili kwiFifa Appeals Commission.
Uma igcina inqoba iChile, i-Ecuador izogcina iphuma kwiWorld Cup ngoba imidlalo eyisikhombisa esebenzise kuyo lo mdlali, izocishwa ibhalwe njengabehlulwe kuyo ngo 3-0 ngokwehlukana.
Lokho kuzobasusa endaweni yesine abaqede kuyo eqoqweni leyokuhlunga amazwe aseSouth America.
Akusikho okokuqala iChile ifaka icala elifuze leli, kwazise nango-2018 yanqoba esikhalweni sayo ngeBolivia eyayenze okuthi akufane.
IBolivia yona yayidlale ngomdlali waseParaguay, uNelson Cabrera. Ukulahlwa yicala kweBolivia kwavulela iPeru ukuthi iye eRussia.
I-Ecuador ivula umqhudelwano neQatar ngoNovemba 20, iSenegal izobathola ngoNovemba 29.