BAMUKELWE ngesasasa abadlali bakuleli abathole amakhaya amasha emaqenjini aphesheya, uLuke Le Roux noLuther Singh.
Bobabili la badlali bethulwe ngokusemthethweni ngoLwesiili. ULe Roux ufice iqembu lakhe elisha maphakathi nesizini, kanti uSingh useqale amalungiselelo esizini entsha namaqembu abo ngoLwesibili.
ULuke Le Roux (24) usayine inkontileka yeminiyaka emibili ne-IFK Värnamo, egijima esigabeni esiphezulu eSweden. Usuka eqenjini laseNetherlands, iFC Volendam, eqede endaweni ka-17 kwi-Eredivisie ngesizini ephelile, yagawulwa yizembe.
Lo mdlali oyibamba maphakathi esiswini kubhekwe ukuthi aphinde alwele indawo yakhe eqenjini lesizwe kwazise usedlale imidlalo emihlanu kwiBafana Bafana.
“Ngiyalibonga ithuba engilinikwe yiVärnamo. Ngikhethe ukuza lapha ngoba ngibonile ukuthi leli yiqembu elisezingeni eliphezulu, elidlala uhlobo lwebhola engilithandayo. Ngilitholile futhi ithuba lokulibuka lidlala ngempelasonto, ngazibonela ngokwami ukuthi angilenzanga iphutha,” usho kanje uLe Roux kwi-video ephanyekwe ekhasini leqembu kwiFacebook.
“Sengike ngaziqeqesha ngedwa kodwa sengikubheke ngabomvu ukuhlanganyela nozakwethu, ngibone ukuthi ngizongena kanjani eqenjini.”
IVärnamo isendaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-17 emidlalweni engu-13.
Khonamanjalo: Umgadli uSingh useqalile ukuziqeqesha ne-AEL Limassol kulandela ukusayina inkontileka yeminyaka emibili. Ubesehlale izinyanga eziyisithupha engenaqembu selokhu adedelwa elaseSerbia, iFC Cukaricki, ngoJanuwari.
Njengamanje akekho umdlali wakuleli odlala esigabeni esiphezulu kumaligi athathwa njengamakhulu e-Europe. Iqembu likaLyle Foster, iBurnley FC, selizodlala esigabeni sesibili kulandela ukugawulwa yizembe.
Inkakha yakuleli, uDelron Buckley, owadlalela amaqembu ahlukene phesheya okukhona kuwona iVfL Bochum, Arminia Bielefeld neBorussia Dortmund yaseGermany, uthe abadlali bakuleli abasakulambele njengakuqala ukudlala phesheya.
“Ukubona abadlali bakuleli bedlala kumaligi aphezulu kusenza siziqhenye ngoba abukwa yonke indawo emhlabeni. Kuyajabulisa ukuzwa kukhulunywa ngezwe lakho nokubona ifulegi kwithelevishini. Nokho, akulula ukufinyelela kuleli zinga,” kusho uBuckley.
“Abadlali bakwamanye amazwe ase-Afrika bajwayele ukuqala kumaligi aphansi e-Europe baze bafinyelele kulawa amakhulu. Akuselula ukuthi abadlali bakuleli bayodlala kumaligi afana naseTurkey, Sweden namaye ngenxa yokuthi amaqembu amakhulu kuleli aseyakwazi ukubaholela kahle.
“Iningi labo likhetha ukudlala kuleli. Ngeke ngisho ukuthi ngiyabasola ngoba akulula ukushiya umndeni wakho uyosebenza kwelinye izwe lapho kufanele ufunde khona ulimi olusha, isimo sezulu ongasijwayele, ukudla okusha nendlela entsha yokuphila.
“Kudingeka abadlali abaqinile ngokomqondo kodwa laba abakwaziyo ukubekezela bazifaka emlandweni webhola.”
Abadlali bakuleli abaningi abazinze ngaphandle badlala kwiMajor League Soccer emaqenjini ase-United States naseCanada.
UBongokuhle Hlongwane, Njabulo Blom , Cassius Mailula, Olwethu Mkhanya, Katlego Ntsabeleng badlala esigabeni esiphezulu kanti kunenqwaba yabanye abadlala ezigabeni eziphansi.