INHLANGANO ephethe ibhola kuleli, iSafa, ishaya phansi ngonyawo ithi ngeke izibophezele ekutheni izolikhokhela amabhonasi ithimba labaqeqeshi beBanyana Banyana nabanye abasebenza kuleli qembu lesizwe lebhola labesifazane.
Ngaphambi kokuthi leli qembu lilibangise eNew Zealand emasontweni amabili edlule, kube nokungaboni ngaso linye ngenxa yamabhonasi obekumele akhokhelwe abadlali ngokubamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba ezoqala ngoLwesine e-Australia naseNew Zealand.
Sigcine siphumile isixazululo ngesikhathi iMotsepe Foundation kanye nenkampani ephethe i-Lotto, Ithuba, benikela ngemali.
Esithangamini nabezindaba esasiseGoli ngoJulayi 5, umengameli weSouth African Football Players Union, uThulaganyo Gaoshubelwe, uthe abadlali bazohlomula u-R230 000 ngamunye ngokubamba iqhaza kulo mqhudelwano, okuyimali ezongezwa kuleyo abaziyokhokhelwa yinhlangano engamele ibhola emhlabeni, iFifa.
Waphinde waveza ukuthi kuvunyelwene nangokuthi abasebenzi abayingxenye yethimba leBanyana, okuhlanganisa abaqeqeshi, odokotela, abahlaziyi nabanye, bazothola R115 000 ngamunye.
Nokho esitatimendeni esikhishwe yiSafa ngeSonto, ithe abasebenzi ngeke bawathole amabhonasi kodwa bazonikwa izibonelelo ezithile.
“Abasebenzi bazokhokhelwa imali yansuku zonke ngokwezinkontileka abazisayinisile, kodwa kulokhu usoseshini (iSafa) izophinde ibanike izibonelelo zansuku zonke, kanye nengxenye yeminikelo ezotholakala. Amabhonasi ancike empumelelweni yeqembu, hhayi ukuba yingxenye yomqhudelwano,” ifundeka kanje ingxenye yesitatimende seSafa.
“Abasebenzi abafani nabadlali ngoba iningi labo liyasebenza kwezinye izindawo. Omunye usebenza kwiSafa futhi uhola nyanga zonke ngaphandle kwemali ayithola ekhempini. Akufani nabadlali njengoba iningi labo lingasebenzi ngokugcwele futhi lingaholi ngokudlala ibhola zinyanga zonke.
“Sifisa ukukubeka kucace ukuthi iSafa ayikaze ithembise abasebenzi u-R115 000 ngaphambi kwesimemezelo esenziwa yiSafpu. Sithe noma iyiphi imali ezonikelwa izokwabelwa abasebenzi. Kuze kube manje ngu-R6-million kuphela esisawuqoqile esizoholela ngawo abadlali, oqhamuka kwiMotsepe Foundation neThuba.”
Esithangamini nabezindaba eGoli, uGaoshubelwe wakhuluma kuqala kunomengameli weSafa, uDanny Jordaan, ongazange ayiphikise inkulumo yamengameli weSafpu ngesikhathi ethula eyakhe. Nangesikhathi semibuzo, abezindaba befuna ukucaciseleka ngale mali, uJordaan akazange akuphikise okwakushiwo uGaoshubelwe.
Khonamanjalo, iBanyana iqedele amalungiselelo ayo eNdebe yoMhlaba ngenothi elihle ngokunqoba umdlalo wokugcina wobungani, ithela phansi iCosta Rica ngo 2-0 ngoMgqibelo.
Igoli lokuqala livalelwe nguThembi Kgatlana, obedlala okokuqala eqenjini esizwe selokhu alimala ngoJulayi nyakenye, elesibili kwaba yingcwenga ye-freekick enamathiselwe enethini nguHildah Magaia.
Leli bekuyithuba lokuqala nelokugcina lokuthi umqeqeshi weBanyana, uDesiree Ellis, ahlole iqembu lakhe emdlalweni selokhu agcina ukulibona lishaywa yiSerbia ngo 3-2 ngo-Ephreli.
Elakuleli lizovula iNdebe yoMhlaba ngokubhekana neSweden kuGroup G ngeSonto ngo-7 ekuseni. Amanye amaqembu aseqoqweni yi-Argentina ne-Italy.