SuperSport United (1) 2
Orlando Pirates (2) 2
*I-Orlando Pirates inqobe ngo 5-4 kumaphenathi
KULAMULE unozinti, uSipho Chaine, i-Orlando Pirates inqoba iSuperSport ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi kuma-quarterfinal eNedbank Cup e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoMgqibelo ntambama.
UChaine uvimbe amaphenathi amabili kulandela umdlalo ophele zibambene ngo 2-2.
Amagoli amaTsatsantsa ashaywe nguTerrence Dzvukamanja noGape Moralo, aweZimnyama avalelwa enethini nguMbekezeli Mbokazi no-Evidence Makgopa.
ISuperSport ithole ithuba eliyingqayizivele emzuzwini wokuqala ngesikhathi ibhola liwela ezinyaweni zikaGhampani Lungu ebhokisini, ishodi lakhe lavinjwa uSipho Chaine.
Kwale kancane futhi ukuthi iqembu likaGavin Hunt lihambe phambili ngomzuzu ka-26. U-Enoch Quaicoe udlubulundele ngakwesokudla wangena ebhokisini, kodwa washaya into ebheke eceleni kwepali.
Kudlule imizuzu emibili kuphela ngaphambi kokuthi ezikaMagebhula zithole igoli lazo lokuqala. ISuperSport ihlulekile ukukhipha ibhola ebeliqhamuka kwikhona, latholwa nguMbokazi, walibeka phakathi ngonyawo.
Ezimnyama zithole amanye amathuba elandelana ngomzuzu ka-35 noka-36. UMakgopa ushwebe esebhekene nonozinti, kwathi ibhola ebelikhahlelwe nguRelebohile Mofokeng lachithwa nguRicardo Goss.
UChaine wenze iphutha ngomzuzu ka-43 ngesikhathi ephuma ebhokisini, wahluleka ukungqomfa ibhola. Libe selithathwa nguDzvukamanja walibeka enethini.
Nokho, ezikaMagebhula ziphinde zathola elinye igoli elishaywe nguMakgopa esikhathini esengezwe ngunompempe, kwayiwa ekhefini zihamba phambili ngo 2-1.
Isiwombe sesibili asibange sisashisa njengesokuqala, yize womabili amaqembu enze inqwaba yezinguquko.
UChaine uze wasebenza ngomzuzu ka-80, evimba ibhola ebelikhahlelwe uDzvukamanja ekude.
Kuthe sekubukeka sengathi iPirates izowunqoba umdlalo, amaTsatsantsa aphinde athola elinye lokulinganisa. UMoralo ushiye izitobha zePirates zilele phansi wabe eselibeka enethini eseseduze nepali.
Womabili amaqembu azamile ukuthola igoli lokunqoba kwi-extra time kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
Kuthe sekukhahlelwa amaphenathi uChaine wavimba ekaVincent Pule nekaChristian Saile, uGoss wavimba ekaNdabayithethwa Ndlondlo, amaBhakabhaka angena kowandulela owamanqamu.