ITHUBA lokuqopha omunye umlando emqhudelwaneni asewunqobe kabili kwenza umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, awulangazelele umdlalo wokuvula lo mqhudelwano neSuperSport United.
EzikaMagebhula zizoqala ukuvikela isicoco ezasinqoba eMoses Mabhida Mabhida Stadium ngo-Okthoba nyakenye. Zizogadulisana neSuperSport United kuma-quarter-final e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Ezimnyama zinomlando omuhle kulo mqhudelwano selokhu waxhaswa yinkampani iMTN ngo-2008. Yizona kuphela esezikwazile ukuvikela isicoco njengoba zakwenza ziwunqoba ngo-2011 nango-2012, zakuphinda lokho ngo-2022 nango-2023.
Ziphinde zaba yiqembu lokuqala ukuphakamisa indebe entsha ceke ye-MTN 8 eshintshwe ngonyaka odlule. Kulokhu umpetha ozohlomula ngo-R10 million osuka ku-R8 million.
Amanye amaqembu ayisikhombisa azoba asezothola u-R1 million iqembu ngalinye, lena isuka ku-R800 000.
URiveiro uzwakalise ukungenani ngokuvula isizini ngomdlalo womkhumulajezi kodwa wathi bazolwa.
“Ngesingami akuyona indlela enhle yokuqala isizini nakuba sizethemba njengoba sibe namalungiselelo amahle kodwa iqiniso wukuthi kulesi sigaba bambalwa abadlali abaqatha ngokwanele. (Kodwa) akukho esingakwenza siphoqwa yisimo ukuthi sidlale ngokuzimisela,” kusho uRiveiro kwabezindaba.
Ephawula ngamalungiselleo abo esizini ka-2024/2025 abawenze eSpain, uthe kubasizile ukubhekana namaqembu aqinile.
“Sibe nesikhathi esihle eSpain. Sithole ithuba lokuqhudelana namaqembu ahlukene kodwa aqinile wonke. Lokho kusikhombisile ukuthi iqembu likuphi njengamanje ngakho-ke sesikulungele ukubhekana nenselelo yethu yokuqala.”
Uthe bazimisele ngokulwela ukuphinde basivikele isicoco.
“Sisivikele lesi sicoco futhi sinethuba eliyingqayizivele lokukuphinda lokho. Siyalihlonipha iqembu esizobhekana nalo ngoMgqibelo kodwa futhi siwubheke ngabomvu umdlalo wokuqala,” kwenaba uRiveiro kwethulwa lo mqhudelwano izolo, eGoli.
Umqeqeshi wamaTsatsantsa a Pitori, uGavin Hunt, ubona umdlalo uzoba yithuba lokuzikala ukuthi sebehlangene kangakanani njengeqembu njengoba eshaya ngesikwati esihlukile uma kuqhathaniswa nesizini edlule.
Amatsatsantsa adedele inqwaba yabadlali aphinde adayisela iqembu laseBelgium, iClub Brugge, isikhwishikhwishi somdlali wasesiswini, uShandre Campbell. Isikwati asiqinise ngokusayinisa uVincent Pule, Pogiso Sanoka noNyiko Mobbie.
“Kuhamba kahle kodwa kufanele iqembu silakhe kabusha futhi njengoba sidedele inqwaba yabadlali. Bakhona esibatholile abasezingeni eliphezulu kodwa kusadingeka ukuthi bazinze eqenjini, bajweyele indlela esidlala ngayo,” kusho uHunt.
”Kungenzeka ukuthi lo mdlalo wangoMgqibelo usheshe wafika kodwa siwubheke ngabomvu futhi siyazi ukuthi sizobhekana nani. IPirates yenze kahle kumasizini amabili adlule ngakho-ke ngeke kube lula neze ukudlala nayo kodwa nginesiqiniseko sokuthi sizolwa.”
Abalandeli nabo basethubeni lokuwina ingxenye ka-R8 million ngokusebenzisa ama-sim card abo akwaMTN baqhafaze u- *141*8# bese belandela imiyalelo.