INKAKHA yeMamelodi Sundowns, uRoger Feutmba, isishayela ihlombe isinqumo sikaThembinkosi Lorch, sokucela ukubolekiswa ukuze abuyise ibhola aziwa ngalo.
ULorch ubolekiswe yiSundowns, kwiWydad Casablanca yaseMorocco, kuze kuphele isizini ka-2024/2025. Uzohlangana nomqeqeshi uRhulani Mokwena, owayemqeqesha kwi-Orlando Pirates, ngaphambi kokumsayinisa kwiSudowns ngesizini edlule. Ngaphandle kukaMokwena, uLorch uzodlala noCassius Mailulam owayedlalela iSundowns ngaphambi kokuthengwa yiqembu lase-US, iToronto FC.
“Sonke siyazi ukuthi uLorch ungumdlali osezingeni eliphezulu, kusukela esadlala kwi-Orlando Pirates. Ukuya kwakhe eMorocco, njengoba ezodlala ngaphansi komqeqeshi omazi kahle, kuzomsiza kakhulu. Uzothola ithuba lokudlala zonke izimpelasonto. Lokhu kuzomvulela amathuba okubuyela eqenjini lesizwe. Isinqumo sakhe sizohlomulisa iNingizimu Afrika yonke ngoba ungumdlali obalulekile futhi esimaziyo ukuthi yini akwazi ukuyenza enkundleni. Bekungeke kumsize ngalutho ukuhlala kwiSundowns engadlali. Ngaphezu kwalokho, ngikholwa wukuthi uzothola nemali engcono eMorocco,”kusho uFeutmba, waseCameroon.
Ngaphandle kukaLorch, iSundowns idedele nabanye abadlali abebelizwa ngendaba ijezi okubalwa uLesiba Nku osayine kwiStellenbosch, Rushine De Reuck obolekiswe eqenjini lakwa-Israel, iMaccabi Petah Tikva. Ibolekise ngoLebohang Maboe, kwiSuperSport United.
“Akusizi ukuhlala kwiSundowns uphike ngokuthi uhola imali enkulu. Uzohola leyo mali iminyaka emibili ungadlali, emuva kwalokho ubani ozokusayinisa. Ngicabanga ukuthi iSundowns ithathe isinqumo esihle ngokudedela abanye abadlali. Lokho kuzosiza nomqeqeshi ukuthi akwazi ukusebenza ngesibalo sabadlali okulula ukusilawula. KwiSundowns kunabadlali abaningi abasezingeni eliphezulu. Ngakho kunzima ukubadlalisa bonke. Abadlali abaseqophelweni eliphezulu abafuni ukungadlali,”kusho uFeutmba.