OWAYENGUNOZINTI weKaizer Chiefs, uWilliam "Cool Cat" Shongwe, uyiluleka ngokuthi ibuyise ngokushesha uBruce Bvuma ukugwema inkinga ezozifaka kuyona uma iqhubeka noFiarce Ntwari.
UNtwari waseRwanda, ongunozinti weqembu lesizwe, usayiniswe yiChiefs ekuqaleni kwesizini ngenxa yezimanga abezenza ezintini zeTS Galaxy abeyidlalela. Ufike eNaturena walenza elakhe ijezi ngaphansi kobuholi bomqeqeshi, uNasreddine Nabi. Selokhu kuqale isizini uNtwari nguyena kuphela osavimbele iChiefs kuyona yonke imidlalo eyisihlanu yeBetway Premiership nemibili yeCarling Knockout.
Nokho kamuva lo nozinti usethanda ukuba nyamanambana kwabanye abalandeli baMakhosi. Isigcwagcwa sande kakhulu ngemuva kokungenelwa ngamagoli amane ngesikhathi bebhaxabulwa yiMamelodi Sundowns kuma-quarterfinal eCarling ngempelasonto edlule. Emidlalweni eyisikhombisa usengenelwe amagoli awu-11.
UShongwe, odabuka eSwatini kodwa osenobuzwe bakuleli, ukusho wangakufihla ukuthi uBvuma ungcono kakhulu kunoNtwari. Uqhube wathi inkinga ngalo nozinti waseRwanda wukuthi unamaphutha afana nawezingane zesikole.
"IChiefs ayibuyise uBvuma ezintini zayo, nguyena ozoyisiza kule nkinga yokungenelwa ngamagoli. Angazi ukuthi yini le eyenza uNtwari ehlelwe izinga kangaka. Ubenza kahle kwiTS Galaxy. Akazibonakalise ukuthi ungunozini weqembu lesizwe," kubeka uShongwe.
Uqhube wathi:"Uma ungumdlali wangaphandle kumele ube nethalente langempela. Inkinga ngoNtwari uwunozinti ofana nabanye bakuleli. Thina ngezikhathi zethu sasizimisela. Kwakungesifanayo nakubantu abafana no-Eshele Botende owayesuka eDRC."
Selokhu kuqale isizini uBvuma akakavimbi nowodwa umdlalo. Ngesifanayo nakuBrandon Peterson nakuKarabo Molefe. UShongwe ubuye waluleka iChiefs ngokuthi isayinise abadlali abazobuyisa izinsuku zenjabulo.
"Uma iChiefs ifuna ukwenza kahle, kuzomele ibuyele emakethe. Abanye abadlali abakhona angibaboni kahle. Idinga unyazi lomgadli ozoqhulula amagoli ngokungaphezi. Akangenelisi uRanga Chivaviro," kuqhuba uShongwe.
Amakhosi alele endaweni yesishiyagalombili kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emihlanu. Asanqobe emidlalweni emibili, adliwa kwemibili, adlala ngokulingana komunye. Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neRichards Bay koweligi ngoNovemba 27 ePeter Mokaba Stadium ePolokwane.