INHLANGANO eyengamele ibhola kuleli, iSouth African Football Association (Safa) nabadlali beBanyana Banyana bazothola imali eshisiwe ngokungena kwaleli qembu eNdebeni yoMhlaba yalo nyaka.
IFifa ikuqinisekisile ukuthi zizokhokhelwa kanjani izinhlangano zebhola zamazwe azobamba iqhaza eNdebeni yoMhlaba, kanye nabadlali bazo.
Lokhu kungelinye igxathu elikhulu elithathwe yiFifa ukuthuthukisa ibhola labesifazane kanye nokuqinisekisa ukuthi abadlali bebhola besifazane baholelwa ngendlela efanele.
Izinhlangano zamaqembu azogcina esigabeni samaqoqo zizothola u- $1,5 million, okuyimali elinganiselwa ku-R28.8 million. Lawo afinyelela kwi-Last 16 azothola u-$1,87 million kuthi lawo afinyelele kuma-quarterfinal athole u- $2,18 million.
Inhlangano yeqembu elizoqeda endaweni yesine izothola u- $2, 45 000 million, eyelizolala isithathu ithole u-$2,61 million, eyelesibili u$-3,01 million kuthi ompetha bathole u-$4,29 million.
Abadlali bamaqembu azokhishwa esigabeni samaqoqo bazothola u-$30 000 (R554 000) ngamunye, abazongena kwi-Last 16 bazothola u-$60 000, bese kuthi abaphelela kuma-quarterfinal bethole u-$90 000.
Abazoqeda endaweni yesine bazothola u-$165 000 ngamunye, abazolala isithathu bahlomule ngo-$180 000 USD, isibili u-$195 000 bese ompetha bethola u-$270 000.
“Lolu hlelo olusha lokwaba imali luchaza ukuthi umdlali ngamunye uzokwazi ukuhola imali emfanele. Siyazi ukuthi imali eholwa abadlali besifazane emhlabeni ilinganiselwa ku-$14 000 ngonyaka, ngakho-ke sibheke ukuthi le mali abazoyithola eNdebeni yoMhlaba yenze umehluko omkhulu empilweni yabo,” kusho umengameli weFifa, uGianni Infantino esitatimendeni seFifa.
Lezi zindaba zamukelwe ngentokozo yinkakha yeBanyana Banyana, uDelisile Mbatha, ongazange alithole ithuba lokumela izwe eNdebeni yoMhlaba. Lo nozinti ungomunye wabadlali abaphumela obala ngokungagculiseki ngamaholo ngesikhathi esengukaputeni weqembu lesizwe ngo-2004.
“Kusijabulisa kakhulu sonke esasidlala ibhola uma sibona into esasiyilwela seyenzeka. Kwesinye isikhathi uma silwela izinto azenzeki ngaleso sikhathi esisuke sizilwela ngaso, kuthatha isikhathi,” kusho uMbatha osengumqeqeshi kwiRoyal AM dlala kwiHollywoodbets Super League.
“Akwenzekanga ngesikhathi thina sisadlala kodwa kuyasithokozisa ukubona laba badlali bevuna izithelo ngoba sesibathatha njengabantwana bethu. Kwesinye isikhathi uyatshala kodwa kuvune izizukulwane ezilandelayo. Sikushayela ihlombe lokhu okwenziwa yiFifa nokuthi iSafa ithembise ukuthi abadlali beBanyana bazohola imali elinganayo nabeBafana Bafana.
“Lokhu kuzogqugquzela namanye amantombazane ukuthi abone ukuthi angaziphilisa ngebhola, singalahlekelwa abadlali abanekhono abagcina sebekhethe eminye imisebenzi ngoba bebona ikusasa lingekho ebholeni.”
ISafa yanika umdlali ngamunye u-R400 000 ngokunqoba isicoco seWomen’s Africa Cup of Nations nyakenye, baphinde bathola amanye amabhonasi kuhulumeni kazwelonke, ohulumeni bezifundazwe kanye nabaxhasi iSasol.