UMDLALI wasesiwini weBafana Bafana, uSiphelelo ‘Yaya’ Sithole, uthembise abaseNingizimu Afrika, ukuthi bazimisele ngokufela enkundleni kunokuvumela ukukhishwa yiMorocco kwi-Last 16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon).
IBafana izobhekana neMorocco namhlanje ngo-10 ebusuku, eStade Laurent Pokou, eSan Pedro, e-Ivory Coast.
Kufanele iBafana iyinqobe iMorocco ekleliswe phambili e-Afrika, futhi ifike emqhudelwaneni inesithunzi ngemva kokuqeda endaweni yesine koweNdebe yoMhlaba ngo-2022, eQatar.
USithole osemabhukwini e-CD Tondela yasePortugal, uyiqale yomithathu imidlalo ka-Group E yeBafana, wakhombisa ukudlala ngokuzwana noTebogo Mokoena weMamelodi Sundowns.
Lo mdlali wasoLundi, oneminyaka engu-24, ubekhuluma nabezindaba esithangamini ebesihlelwe yiCaf izolo ntambama eSan Pedro, e-Ivory Coast.
“Ngicabanga ukuthi wonke umlandeli webhola uyazi ukuthi umdlalo wethu neMorocco uzobe unzima kuwona womabili amaqembu njengoba ozoshawa, uzowasha ijezi,” kusho uSithole ngokwethimba labezindaba leSouth African Football Assiciation (Safa).
“Esikwaziyo siyiBafana wukuthi uma umdlalo singawudlala ngezinga esaziyo ukuthi siyakwazi ukufinyelela kulona, yithina esizodlulela esigabeni esilandelayo. Sidinga umphumela oncomekayo ngakho-ke okufanele sikwenze siyakwazi. Ukwazi ukuthi kunezigidi zabantu abazobe bengalele eNingizmu Afrika, besifisela okuhle kufana nomjovo womfutho kithina.
“Lokhu kwenza siqonde ukuthi asizidlaleli thina ngakho-ke indaba yokuzonga yinto engeke ibe khona ngasohlangothini lwethu. Asikuphiki ukuthi umdlalo uzobe unzima kuwona wonke umuntu ozobe ethinteka kuwona kodwa esikwethembisayo ukuthi sizofela enkundleni.”
Akubuzwa ukuthi umqeqeshi uHugo Broos, uzothembela ebuholini babadlali abanesipiliyoni okubalwa ukaputeni uRonwen Williams, Mothobi Mvala, Percy Tau noThemba Zwane omunye wabadlali abashisayo kwiBafana.
Ngesikhathi uSithole ebuzwa ngokudlala kahle kwakhe noMokoena enkabeni yenkundla, uthe konke kulele ekutheni uBroos ubatshele ukuthini.
“Ngicabanga ukuthi sidlala kahle ngoba sobabili singabadlali abayithatha injengoba injalo imiyalelo yomqeqeshi,” kusho yena.
“Kuyangikhulisa ukudlala nomdlali onjengoMokoena ngoba kunginika nethuba lokukhula eqenjini lesizwe. Nomdlalo weMorocco, sizowudlala ngendlela efanayo. Yebo, sizobanika inhlonipho ebafanele kodwa sizobe senza iphutha uma singaya emdlalweni singakholwa ukuthi singawunqoba. Sinabo abadlali abangakwenza lokhu kanti nobufakazi bokuthi singayehlula iMorocco (yize ithwelwe ngeqoma) bukhona,” kuphetha uSithole.
Esithangamini kuvele ukuthi umqeqeshi weMorocco, uWalid Regragui, umemezele ukuthi ubambe umoya ngeqakala elihlupha isilomo seqembu lesizwe, uHakim Ziyech.