UMQEQESHI weqembu lakuleli labesilisa, uBafana Nhleko, ubona okuhle abangakhela phezu kwakho emdlalweni wokuvula i-World Rugby Under-20 Championship neFiji.
AmaJunior Boks awuqale ngegiya eliphezulu lo mqhudelwano ebhudluza iFiji ngo 57-7 emdlalweni kaPool C obuseDHL Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ebusuku.
EzikaNhleko zishaye ama-try ayisishiyagalombili, zabeka phakathi ama-conversion ayisikhombisa nephenathi eyodwa. IFiji ephazanyiswe wukufika kwabanye abadlali ngoLwesine ngenxa yokungawatholi ngesikhathi amaphepha abangunyaza ukungena kuleli, iphendule nge-try eyodwa ne-conversion eyodwa.
“Siwasebenzise kahle ama-setpiece esiwombeni sokuqala, nokuyinto ebesivele siyihlelile. Sithe ukwehla kancane kwesesibili kodwa ingijabulisile indlela esinqobe ngayo. Kuhle ukucosha amaphuzu amahlanu kusakhanya ngoba kusazoba nzima,” kusho uNhleko.
“Abadlali bethu baphambili badlale kahle kakhulu, nokuvulele abasemuva izikhala zokuthi benze abadume ngakho, bagijime nebhola. Ngiyabancoma nabasemuva ngoba bekufanele babambe wonke amabhola abethunyelwa kubona, bese beya phambili. Engikuthande kakhulu yindlela uJF van Heerden aphonse ngayo kuma-lineout, nendlela esidudule ngayo kuma-scrum, siholwa nguLuca (Bakkes) noZach (Porthen).”
AmaJunior Boks aselungiselela umdlalo wesibili wamqoqo azowudlala ne-Argentina eDanie Craven Stadium, eStellenbosch, ngoLwesine ngo-7 ebusuku.
La maqembu ayazana kwazise asanda kubhekana kowe-Under-20 Rugby Championship e-Australia ngoMeyi, kwanqoba amaJunior Boks ngo 30-28.
“Siyibonile i-Argentina kwiRugby Championship, akulula neze ukubhekana nayo. Umdlalo wayo ne-England ubunzima njengoba womabili amaqembu ekhombise ukuba namandla. Ngokubona kwami iwukhuphulile umfutho uma uqhathanisa nendlela edlale ngayo kwiRugby Championship,” uqhube kanje uNhleko.
“Nabo bathola umgqigqo ngokusebenzisa ama-setpiece. Uma bekutholile kuma-scrum, kuma-maul nakuma-lineout, ungazithola usenkingeni. Kufanele siwulungiselele kahle umdlalo.”
Iqembu lakuleli lisesicongweni kuPool C ngamaphuzu amahlanu. Liyalingana ne-England, esendaweni yesibili kulandela ukuguqisa i-Argentina ngo 40-21, kodwa liqhwakele ngenxa yokunqoba umdlalo walo ngamaphuzu athe xaxa.
Owokugcina wamaqoqo lizowudlala ne-England e-Athlone Stadium, eKapa, ngoLwesibili oluzayo.
Amaqembu azoqhwakela eqoqweni ngalinye kulawa amathathu akhona kulo mqhudelwano azodlulela kweyandulela owamanqamu, ehambisana neqembu elilodwa elizoqeda endaweni yesibili ngesibalo samaphuzu esingcono.