Nigeria (1) 2
Cameroon (0) 0
INIGERIA iphinde yakhombisa izimpawu zokuba yiqembu elingase libe yingozi kwagaqele ukunqoba isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon) idlulela kuma-quarterfinal ngokubhaxabula iCameroon koweLast 16 ngoMgqibelo ebusuku, eFelix Houphouet Boigny Stadium, e-Abidjan, e-Ivory Coast.
Amagoli awelise iNigeria ngelibanzi avalelwe phakathi u-Ademola Lookman ngesiwombe sokuqala, elesibili walivalela phakathi ngesiwombe sesibili ngomzuzu wokugcina.
Ukubhaxabulwa kwe-Indomitable Lions ngale ndlela kube sekuba wukuphela kwendlela yayo kulo mqhudelwano we-Afcon njengoba ibivele idlulele kwiLast 16 ngengciciyela.
Kanti ngasohlangothini lweSuper Eagles kukhombise ukuthi isazoba yingozi kulo mqhudelwano, njengoba nasesigabeni samaqoqo ikukhombisile lokho.
ISuper Eagles ecijwa uJose Peseiro, inenselelo yokubuyisa isithunzi sayo kulo mqhudelwano kwazise kwi-Afcon ka-2022 yaphuma emzuliswaneni kaLast 16, ekubeni yayigcine ngo-2013 ukudla isicoco se-Afcon.
Khonamanjalo, i-Angola iphinde yakhombisa ukungasinisi mahleza ngezinhloso zayo zokuhamba ibanga kulo mqhudelwano ngokunenebula iNamiba ngo 3-0 komunye umdlalo weLast 16 obuseStade de la Paix, eBouake, ngawo uMgqibelo ebusuku.
Amagoli awelisele i-Angola kuma-quarterfinal avalelwe phakathi wuGelson Dala oshaye amabili, no-Agostino Paciencia.
Ukwedlulela kuma-quarterfinal kwePalancas Negras - okuyisitekiso se-Angola - sekuphonsele inselelo iBafana Bafana ekwenzeni okufanayo njengoba izotholana phezulu neMorocco ngoLwesibili.
Njengamanje iPalancas Negras neBafana Bafana sekuyiwona maqembu aseyithemba lesifunda seCosafa kulo mqhudelwano we-Afcon.
IPalancas Negras isizotholana phezulu neSuper Eagles kowama-quarterfinal ngoLwesihlanu, eFelix Houphouet Boigny Stadium, e-Abidjan, ngo-7 ebusuku.