KUFANELE wukuthi wenyukile umfutho ekhempini yeqembu lesizwe laseMoroccco kulandela ukuguqulwa kwesinqumo seCaf sokumisa umqeqeshi wayo, uWalid Regragiu, osezoba sebhentshini emdlalweni we-Last-16 ye-Africa Cup of Nations (Afcon) uma selibhekene neBafana Bafana eSan Pedro, e-Ivory Coast, ngoLwesibili ebusuku.
URegragiu ubegwetshwe yiCaf inhlawulo yemali yaphinde yamumisa imidlalo emine kodwa emibili yayo ilengisiwe ngesivumelwano sokuthi ngeke atholakale esecaleni elifanayo ezinyangeni ezingu-12 ezizayo.
Lo mqeqeshi umiswe yiCaf kulandela ukujikijelana kwakhe ngamazwi ahlabayo nokaputeni weDemocratic Rdepublic of Congo (DRC), uChancel Mbemba, emuva koka-Group F.
Sekungumlando ukuthi umdlalo uphele zibambene kodwa kugcine sekudingeka ukuthi bahlukaniswe uMbemba nalo mqeqeshi ofake iMorocco kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba ebiseQatar ngo-2022.
Nasesithangamini nabezindaba emuva komdlalo weDRC neMorocco, uRegragui uqhubekile nokukhuluma ngengxabano yakhe noMbemba okuyilapho enyathele khona ikhona lesigungu esiqondisa ubugwegwe kwiCaf.
Le nhlangano imhlakaze lapho lo mqeqeshi oweqiwe wumdlalo waleli qembu lesizwe wokusonga iqoqo eliwunqobe kwiZambia. Nakuba ebekhona enkundleni kepha ubehleli nezihlwele.
Bekubhekwe ukuthi nomdlalo weBafana umeqe uRegragui kodwa lokhu ngeke kusenzeka kulandela ukuguqula isigwebo kweCaf.
Yize sishicilele lo mbiko iCaf ingakasho lutho ngalolu daba kodwa iRoyal Morocco Football Federation (RMFF) iyona ekhiphe isitatimende imemezela lokhu.
“Isigwebo sikaRegragiu, oqeqesha iMorocco sesinqanyuliwe kulandela ukulidlulisela kwakhe phambili icala,” sibhalwe kanje isitatimende salo soseshini uqinisekisa nokuthi nemali abegwetshwe yona ngeke esayikhokha.”