EMAQENJINI amane azomela izwekazi i-Afrika kwiFifa Women’s World Cup eqale namuhla e-Australia nase-New Zealand, iMorocco iyona ezongena iyincwadi evaliwe kunawo wonke.
INigeria neNingizimu Afrika bazobe bengaqali ukubonakala kulo mqhudelwano, kanti nakuba iZambia nayo ingomakoti kodwa isike yazibonakalisa kuma-Olympic ayeseTokyo ngo-2021.
Akukho okuningi okwaziwayo ngeMorocco, eqhathwe neGermany, Colombia ne-South Korea kuGroup H, ngaphandle kokuthi izibekisele indawo okokuqala kulo mqhudelwano ngesikhathi ifinyelela kowamanqamu kwiWomen’s Africa Cup of Nations nyakenye.
Ngaphandle kokuthi lo mqhudelwano yayiwudlalela ekhaya, i-Atlas Lionesses yangena kowamanqamu kufanele ngemuva kokukhipha elinye lamaqembu ayethwelwe ngeqoma, iNigeria, futhi idlala ibhola elibukekayo.
Leli qembu liqale ukuthuthuka ngo-2020 ngesikhathi kufika umqeqeshi waseFrance, uReynaldo Pedros, owayesevele enqobe izicoco zeligi neze-UEFA Champions League yabesifazane ne-Olympique Lyon.
Waphinde walekelelwa wukuthi inhlangano eyengamele ibhola eMorocco ibinenqwaba yezinhlelo zokuthuthukisa ibhola kuleliya lizwe, ikakhulukazi elabesifazane.
Lo mqeqeshi uthe uyabazi ubunzima bokuqhathwa namaqembu aphezulu emhlabeni ekubeni bona bekleliswe endaweni ka-72, kodwa unethemba lokuthi bangamangaza iningi njengoba iqembu labesilisa lenzile eQatar nyakenye, lifinyelela kowandulela owamanqamu.
“Njengoba ngishilo emantombazaneni, sizobe siwulungele umdlalo wokuqala neGermany futhi sizokwenza konke okusemandleni ukuthi sidlulele kwi-Last 16. Emuva kwalokho konke kuzoncika ekutheni sizikhandla kangakanani,” kusho uPedros kwi-website yeFifa.
“Siyazi ukuthi iGermany, Korea neColombia bajabule ngokudlala nathi. Okwethu ukuthi sibakhombise ukuthi ngeke kube lula kangako ngoba nathi sizimisele ngokudlulela phambili.”
Iqembu leMorocco lihlome ngabadlali abayingozi abadlalela amazwe ahlukene emazweni aphesheya njengaseFrance, Spain naseBelgium.
Liphinde libophele izinkakha esezidlale iminyaka emaqenjini amakhulu aseMorocco njenge-AS Far Rabat, engompetha base-Afrika, iRS Berkane namanye.
Liholwa nguGhizlane Chebbak, owayeyiphela endlebeni ezitobheni zeMamelodi Sundowns Ladies ngesikhathi i-AS FAR Rabat ithatha isicoco seWomen’s Caf Champions League nyakenye.
Abanye abadlali abayingozi ngu-Rosella Ayane odlalela iTottenham Hotspur e-England, noFatima Tagnaout beno-Ibtissam Jraidi, nabo abagijima kwi-AS FAR.
Amaqembu aqhathwe neMorocco kuGroup H:
I-Colombia
(esendaweni ka-25 emhlabeni)
Isiteketiso: Las Chicas
Umqeqeshi: Neson Abadia
Ukaputeni: Daniela Montoya
Abadlali abayingozi: Linda Caicedo, Catalina Usme, Leicy Santos
I-Germany
(esendaweni yesibili emhlabeni)
Isiteketiso: Frauen
Umqeqeshi: Martina Voss-Tecklenburg
Ukaputeni: Alexandra Popp
Abadlali abayingozi: Alexandra Popp, Lea Schuller, Lina Magull
I-South Korea
(esendaweni ka-17 emhlabeni)
Isiteketiso: Taegeuk Ladies
Umqeqeshi: Colin Bell
Ukaputeni: Kim Hye-ri
Abadlali abayingozi: Ji So-yun, Lee Geum-min, Cho So-hyun