UFIKELWE umunyu enikwa ijezi lesizwe okokuqala umdlali weqembu lesizwe labesilisa lombhoxo, uSacha Feinberg-Mngomezulu.
Lo mdlali (22) udlalele amaBhokobhoko okokuqala ngesikhathi enqoba iWales ngo 41-13 kwiQatar Airways Cup eTwickenham Stadium, eLondon, ngoMgqibelo odlule.
Wake wabizwa ekhempini yeqembu lesizwe phambilini kodwa bekungokuqala ukuthi afakwe eqenjini elizodlala.
Umdlalo uwuqale ebhentshini wangena sekusele imizuzu angu-20, ethatha indawo ka-Jordan Hendrikse, naye obedlala okokuqala kumaBhokobhoko.
“Ngifikelwe wumunyu ngesikhathi sinikwa amajezi okudlala. Uma usakhula uzitshela ukuthi uyazi ukuthi uzozizwa kanjani uma usuthola ijezi lamaBhokobhoko elibhalwe igama lakho. Njengoba sekwenzekile angazi ngingakuchaza kanjani. Ukufezeka kwephupho leminyaka kwenza uzizwe sengathi ungaphandle komzimba wakho,” uchaze kanje engxoxweni abe nayo neForever Sports ekupheleni komdlalo.
UFeinberg-Mngomezulu ukhulele eKapa, wadlalela wonke amaqembu eWestern Cape kusukela ku-Under-13 waze wafinyelela eqenjini eliphezulu, iDHL Stormers.
Usebenzisa izibongo zabazali bakhe bobabili, uyise uNick Feinberg, osebenza kwesinye seziteshi zomsakazo eKapa, nonina uMakhosazana Mngomezulu ongummeli.
Umfowabo nguNathan Mngomezulu olingisa emdlalweni wethelevishini otholakala kwiNetflix, i-Too Hot To Handle.
Umkhulu wakhe, uBarry Feinberg, wayeyisishoshovu sezinhlangano, iSouth African Community Party ne-African National Congress, nokwaholela ekutheni ayohlala eLondon, e-England, kusukela ngo-1961 waze wabuya ngo-1994. Uyise wazalelwa eLondon ngo-1974 nokuyilapho okuvela ukuthi abazali bakhe bahlangana khona.
UFeinberg-Mngomezulu ufike kwezwakala kumaBhokobhoko, wawasiza ngokukhahlela iphenathi ekude kakhulu, wayibeka phakathi.
Uthe konke adlule kukhona kumlungiselele leli thuba lokudlalela iqembu lesizwe futhi abadlali asebemnkantshubomvu bamamukele kahle.
“Bengingumlandeli omkhulu wamaBhokobhoko kusukela ngisemncane ngakho-ke ngizizwa ngikhethekile njengoba sengiyingxenye yaleli qembu elibumbene kangaka. Iningi labadlali bengivele ngilazi ngenxa yokudlala ndawonye noma ukubhekana enkundleni. Basheshe bakucacisa ukuthi bangozakwethu,” usho kanje.
Ngesikhathi uFeinberg-Mngomezulu esakhula wadlala imidlalo ehlukene njengekhilikithi nebhola likanobhutshuzwayo, wahlala isikhashana enkulisa ye-Ajax Cape Town ngaphambi kokuthi azibophezele embhoxweni eseneminyaka engu-15.
Ufunde eBishops Diocesan College okuyisikole esikhiqize amaBhokobhoko okubalwa kuwo uFrancois Louw, Robbie Fleck nowadlalela iqembu lesizwe lekhilikithi, uHerschelle Gibbs.