IMARUMO Gallants kuvela ukuthi ihlela ukubuyisa umdlali wasesiswini, uNdabayithethwa Ndlondlo, olizwa ngendaba ijezi kwi-Orlando Pirates ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro.
UNdlondlo wajoyina eZimnyama ngo-2022 esuka kwiGallants eyayidlala ibhola elalithakaselwa yinigi ngaphansi komqeqeshi, uDan Malesela. Ngomunye wabadlali abakhathula indima ebonakalayo ekufakeni leli qembu kowandulela owamanqamu weCaf Confederation Cup ngesizini ka-2022/2023. IGallants yagcina ikhishwe yiYoung Africans yaseTanzania.
UNdlondlo wafika kwiPirates wavelela , waphenduka intandokazi yabalandeli ngesizini yakhe yokuqala kweZimnyama. Ngesizini yakhe yokuqala ka-2022/24 wadlala imidlalo engu-22, wadlala engu-18 ngeka-2023/2024 uma sekubalwa yonke imiqhudelwano. Indawo yakhe enkabeni yenkundla kweZimnyama, idlalwa nguThalente Mbatha waKwaMashu.
Kule sizini, uNdlondlo usadlale imidlalo emibili kuphela. Udlale imizuzu ewu-90 bebhekene neDisciples yaseMadagascar kowokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo seCaf Champions League. KwiBetway Premiership ufakwe wakhishwa nguRiveiro ngesikhathi beshaya AmaZulu ngo 2-1 ngasekupheleni kuka-Okthoba. Lo mqeqeshi wamfaka ngomzuzu ka-66 kodwa wamdonsa ngomzuzu ka-85.
Ngemuva komdlalo, uRiveiro uzeseke ngokuthi umfake evele elimele esweni uNdlondlo. Inkontileka kaNdlondlo nePirates izophela nguJuni.
Umthombo osondelene naye udalule ukuthi lo mdlali uyakuqonda ukuthi maningi amathuba okuthi ingavuselelwa inkontileka yakhe njengoba iphela ekusongweni kwale sizini.
"UPhillip ( uNdlondlo) usezitshelile ukuthi ngeke ivuselelwe inkontileka yakhe ekupheleni kwale sizini. Nakuba esezitshelile lokhu kodwa akakufihli ukuthi le sizini imphathe kabi. Akwehli kahle kuye ukuthi udliwa yibhentshi," kubeka umthombo.
Uveze nokuthi ukungadlali kukaNdlondlo sekwenze iGallants yafuna ukumbuyisa. Kuthiwa ufunwa kakhulu umqeqeshi uMalesela.
"Uzokhumbula ukuthi vele phambilini bake basebenza ndawonye nomqeqeshi uDan. Lo mqeqeshi ubona ukubuya kwakhe kungaletha uzinzo eqenjini lakhe. Nakuba ikhulunyelwa phansi le ndaba kodwa naye uNdlondlo useyalwazi udaba," kuqhuba umthombo.
Kuthintwa uSello Nduna okhulumela iGallants, uthe ubengakaziswa ngokufunwa kukaNdlondlo.
"Okwamanje bengingakaziswa ngendaba kaNdlondlo, udaba ngizoluthola kahle kubaphathi beqembu," kushaya uNduna ngamafushane.
Njengoba inkontileka kaNdlondlo iphela, uma kuvulwa iwindi likaJanuwari uzoba nelungelo lokusayina eyesikhashana nelinye iqembu.
Ngempelasonto edlule, iGallants ishaywe iPolokwane City ngo-1-0. Ilele kweka-11, ngamaphuzu ayishumi, emidlalweni eyisishiyagalolunye. NgoDisemba 24 izobhekana nayo iPirates, e-Orlando Stadium, eSoweto.