NGEKE ukwazi ukucindeza umuzwa wokuthi umdlalo wamanqamu we-2022 Fifa World Cup, ubonwa yiningi njengethikithi likaLionel Messi nokuthwesa umqhele yinkulumompikiswano engapheli, yomdlali ovelele emlandweni kanobhutshuzwayo wabesilisa emhlabeni jikelele.
Lo mdlalo abantu abalandela umdlalo webhola lezinyawo emhlabeni uzodlelwa eLusail Stadium, eLusail, eQatar namuhla ngo-5 ntambama.
Bakhona abavele bakholwa wukuthi nguye ohamba phambili emhlabeni, kangangoba ngisho engakhala ngaphansi kwiFrance, ngeke bagudluke lapho.
Bamincile kodwa ngoba babona ukunqoba iWorld Cup kukaMessi kuzovala umlomo abahamba nembangi, uCristiano Ronaldo, ophume kuma-quarterfinal nePortugal ebisimkhuhlisa ibhentshi emidlalweni yakamuva.
Yize abantu lo mdlalo sebewenze waba ngowabadlali ngabodwa kodwa mukhulu umlando ozobhalwa yila mazwe womabili ngokwehlukana, ngokudla ubhedu eLusail namuhla.
Womabili aseyinqobe kabili ngokwehlukana iWorld Cup.
I-Argentina iyinqobe ngo-1978 nango-1986 kwathi iFrance yayithatha ngo-1998 nango-2018.
Ngokwesithupha i-Argentina ifinyelela kowamanqamu kanti iFrance ngokwesine.
IFrance ihubha irekhodi elihlule i-Argentina ngo-1990. Lelo rekhodi ngelokuvikela lesi sicoco njengompetha.
Emuva kokudla ubhedu eMexico iholwa nguDiego Maradona ongasekho, i-Argentina ibuyele kowamanqamu e-Italy ngo-1990.
Njengango-1986, yaphinde yahlangana neWest Germany kodwa kulokhu, kwanqoba ezase-Europe.
IFrance idle ubhedu eRussia ngo-2018 njengoba isibuyela kowamanqamu eQatar kulokhu.
ILe Bleus ijaha irekhodi lokuba yiqembu lokuqala eminyakeni engu-60 ukuvikela isicoco somhlaba.
Lokhu selokhu kwagcina ngeBrazil ngo-1962.
Mahlanu emlandweni weWorld Cup edlalwe okokuala ngo-1930, amazwe aseke afinyelela kowamanqamu evikela isicoco.
*I-Italy ngo-1938 yehlule iHungary; iBrazil ngo-1962 yehlule iCzechoslovakia; i-Argentina ngo-1990 yehlulwe iWest Germany; iBrazil ngo-1998 yehlulwe yiFrance; iFrance ngo-2022 izobhekana ne-Argentina.
Embangweni womdlali ovelele ukubedlula bonke emlandweni webhola emhlabeni, uMessi noRonaldo babanga noMaradona noPele waseBrazil.
Endleleni kaMessi, kukhona uzakwabo kwiParis Saint Germain, uKylian Mbappe, weFrance nababambene naye ngamagoli amahlanu ngokwehlukana kulo mqhudelwano.