KUZOQINA idolo kwiCouncil of Southern African Football Association (Cosafa) ngesibalo samaqembu azibekisele indawo kwi-2024 Africa Cup of Nations ngisho nangeyokuhlungela i-2026 World Cup.
Esewonke mane amazwe ase-Afrika eseningizimu ayobanga isicoco se-Afcon e-Ivory Coast, phakathi kukaJanuwari 13 noFebhuwari 11.
Amazwe akwazile ukufinyelela kweyamanqamu e-Afcon yiNingizimu Afrika, Namibia, Mozambique neZambia.
INingizimu Afrika neZambia, yiwo kuphela aseke ayiqukula le ndebe ethathwa njengenkulukazi ezwenikazi, i-Afrrika.
Kuleli qoqo, iNingizimu Afrika yiyo kuphela esike yadlala kwiWorld Cup kwazise imele iCosafa ne-Afrika ngo-1998, 2002 nango-2010.
NgeWorld Cup enqothwe yi-Argentina ngoDisemba, iCosafa ibingabonwa kwamahlanu abemele i-Afrika kodwa vele ithemba lalesi sifunda belivele lilahleke kwi-Afcon ka-2021.
Kulowo mqhudelwano onqotshwe yiSenegal, eCameroon, iNingizimu Afrika ibingekho kanti abemabili kuphela amazwe avela esifundeni, iCosafa; yiMalawi neZimbabwe.
Ukuphindeka kabili kwesibalo esizomela iCosafa e-Ivory Coast, akuzugcina nje ngokwakha ithemba lokudlulela kweyomkhumulajezi kodwa kuzoqinisa nedolo ngokungasali emazweni ayisishiyagalolunye azomela i-Afrika kweyomhlaba ngo-2026.
Imidlalo yokuhlungela i-2026 World Cup, izoqala ngoNovemba kodwa izophothulwa emuva kweye-Afcon.
Amaqoqo e-2024 Afcon wona azoqhathwa ngo-Okthoba 12 ekomkhulu lase-Ivory Coast, i-Abidjan, lapho kuzodlalwa khona owokuvula nowamanqamu.
*Esewonke amazwe ayobanga umqhele wokubusa i-Afrika, e-Ivory Coast ngoJanuwari, yilawa.
Nigeria, Guinea-Bissau, Burkina Faso, Cape Verde, Cameroon, Namibia, Egypt, Guinea, Ghana, Angola, Algeria, Tanzania, Mali, Gambia, Zambia, Ivory Coast, DR Congo, Mauritania, Tunisia, Equatorial Guinea, South Africa, Morocco, Senegal neMozambique.