I-KAIZER Chiefs ithathe isikhathi ngaphambi kokuvumelana ngenkontileka yeminyaka emithathu nesitobha sase-Angola u-Inacio Miguel Ferreira dos Santos obedlalela iPetro de Luanda.
UMiguel (28) ochazwe yisikhulu seChiefs, uKaizer Motaung Jnr oyi-Sporting Director, njengozongena khaxa kwisikompilo laseNaturena.
Lo mdlali oyibamba maphakathi emuva uyinduku yesihlanu ukungena ngomnyango kusukela kufike umqeqeshi waseTunisia, uNasreddine Nabi.
Lesi sitobha silandela uGaston Sirino, Bongani Sam, Fiacre Ntwari noRushwin Dortley kubadlali asebefakwe iChiefs emabhukwini ayo njengoba kuvuleke iwindi lokubhalisa abadlali.
Ngokusho kukaMotaung esitatimendeni esikhishwe iChiefs kwi-website yeqembu, uMiguel uzoba wusizo olukhulu.
“Sizinike isikhathi sambhekisisa u-Inacio Miguel ngaphambi kokumsayinisa,” kusho uMotaung kulesi sitatimende.
“Sizishaya isifuba ukuthi ungumdlali oseqophelweni lakhe usemabhukwini eChiefs. Ekuzinikeni kwethu isikhathi ngokumubhekisisa siphume nokuthi uwuhlobo oluzongena khaxa esitayeleni sethu.
“Ngaphandle kwalokho, isipiliyoni sakhe, ukuzinikela nendlela ayiyona uma esenkundleni, sibona kuzoba olukhulu usizo kukona konke esizama ukukwenza.
“Sibheke lukhulu kuyena njengoba eqala inyathuko entsha eNingizimu Afrika,” kusho uMotaung.
Indlala yezinkomishi yeminyaka esibheke kwewu-10 kuMakhosi yenza kube nesasasa njalo uma iChiefs isayinise umdlali omusha kulezi zinsuku.
Kusukela iChiefs iqashe uNabi, kulokoza inhlansi yethemba kwabaxhumene nayo ngokujika kwezinto zibe ngcono kunangesizini edlule lapho iqede khona endaweni ka-10 kwi-log.
Ukufika kuka-Inacio Miguel kuMakhosi kuzokhuphula isibalo sabangewona umnsinsi wokuzimilela kuleli babe isithupha.
Ngenxa yomthetho we-Premier Soccer League (PSL) ophoqa amaqembu ukuthi kumele abe nabadlali bangaphandle abahlanu, Amakhosi azophoqeleka ukuthi adedele noma angamubhalisi umdlali oyedwa phakathi kwabahlanu abavele basemabhukwini ayo.
UGaston Sirino odabuka kwelase-Uruguay akathinteki kuphawini wabangaphandle ngoba usebhaliswe njengowakuleli.
Lokhu kushiya iChiefs nesinqumo ngokungambhalisi oyedwa phakathi, kuakaThatayaone Dithlokwe waseBotswana, Edmilson Dove waseMozambique, Edson Castillo waseVenezuela, Christian Saile wase-Democratic Republic of Congo (DRC) noNtwari ongunozinti waseRwanda.
UDove ulimele umsipha ohlanganisa isithende nesihluzu okungase kusize iChiefs kwazise uzohlala isikhathi engadlali kodwa ayaqina namahlebezi akhomba ukuthi uSaile uyena ozodedelwa.