UMSHADO wabalandeli beKaizer Chiefs nomqeqeshi okulindeleke ukuba imqashe maduze, uNasreddine Nabi, ngeke udinge ukuphenjwa okungesinye sezizathu zokuthi izimpawu zikhombe ukuthi Amakhosi anembe enxebeni ngokusondeza lo mqeqeshi waseTunisia.
Lona ngumbono kaDominic Isaacs owayesemabhukwini eChiefs kusukela ngo-2008 kuya ku-2012 mayelana nezinguquko ezinqala ezenzeka eNaturena.
Nakuba u-Isaacs ekubona kukuhle ukuthi uNabi ngeke adinge ukwenza lutho ukuze azifake ezinhliziyweni zabalandeli beChiefs ngoba kade bamlangazelela kodwa umcelele ukuba anikwe isikhathi.
“Kujwayele ukuthatha isikhathi ukuthi kwakheke ubudlelwano phakathi komqeqeshi omusha nabalandeli eqenjini elikhulu njengeChiefs kodwa kuNabi kuhlukile ngoba uzofika esevele eyisithandwa sabo,” kusho u-Isaacs.
“Yize kunjalo kodwa kusemqoka ukuthi abalandeli beChiefs bangalindeli umlingo kuyena efika ngoba lokhu kungabuphazamisa lobu budlelwano obuhle ngoba abuzange budinge ukubunjwa.”
Amakhosi abhekise amabombo eTurkey izolo lapho eyoqhubeka khona namalungiselelo okuqala kwesizini entsha yeDStv Premiership.
Ahamba nje, asevele aphekwa yithimba likaNabi eliholwa yiphini lakhe, uFernando Da Crus, Medji Safi obheke ezokuba qatha kwabadlali nomqeqeshi wonozinti, u-Ilyes Mzoughi.
UNabi oseshiyile kwi-AS FAR yaseMorocco kulindeleke ukuthi ahlangane nabadlali okokuqala kulolu hambo lwaseTurkey.
U-Isaacs owawina iligi neChiefs ngo-2012/2013, wengeza ngezicoco ezimbili zeTelkom Knockout, eseMTN 8 neseNedbank Cup, uxwayise nabadlali baMakhosi ngobumqoka bokubhukula ukuze kusizakale uNabi.
Leli qembu laseNaturena eselidle isicoco seligi amahlandla angu-13 emlandweni waseNingizimu Afrika, nezinkomishi ezingaphezulu kwezingu-40, sekuphele iminyaka ecela kweyishumi lingakaze lifake lutho ekhabetheni.
“Zonke lezi zinguquko ezenzekayo kwiChiefs bezidingeka ukunciphisa igebe phakathi kwayo neMamelodi (Sundowns) ekhonyayo.
“Abadlali beChiefs banenselelo yokusiza uNabi ngokuthi badlalele ukufa nokuphila ngoba iqiniso wukuthi bakhona (abadlali) eNaturena ukuthi abadlalisi okweqembu.
“Umehluko phakathi kwabeSundowns nabeChiefs ukuthi abanye babumbene kodwa kwabanye akunjalo. Akuyona into enzima ukubona abadlali ababumbene nabahlakazekile uma ulazi ibhola.
“Imisebenzi kaNabi iyazikhulumela kodwa ngeke afike enze umlingo ngaphandle kosizo lwabadlali azobafica eqenjini,” kuphetha lesi sitobha esesaphenduka umqeqeshi.
NgoMsombuluko iChiefs izomemezela imininingwane ngomqhudelwano wobungani ozokwaziwa ngeleToyota Cup neqembu elingakavezwa.