Richards Bay FC (0) 2
Kaizer Chiefs (0) 0
IKAIZER Chiefs iqhubekile nokudumaza abalandeli bayo ngokwehlulwa yiRichards Bay emdlalweni weBetway Premiership eKing Zwelithini Stadium eMlaza, ngeSonto ntambama.
Amagoli enqobe ngawo iBay ashaywe nguFezile Gcaba noYamela Mbuthuma ngesiwombe sesibili.
IChiefs ingene enkundleni ibheke ukushintsha ukwenza kwazise emidlalweni yakamuva ibihluleka ukubamba umgqigqo. Emidlalweni emithathu, ngaphambi koweBay, Amakhosi ashaywe kabili, anqoba kanye, adlala ngokulingana neCape Town City phakathi nesonto.
Ngakolunye uhlangothi, iBay ibiphuma esibhaxwini sika 1-0 esithole kwiMagesi maphakathi nesonto. Ibiwadinga kakhulu amaphuzu ukuze izoqhela unomphela esishozini sezembe kwazise amaqembu enawo obishini okuyiMagesi neMarumo Gallants, ayiwinile imidlalo yawo yangempelasonto.
Okuqaphelekile esikimini seChiefs esiqale umdlalo wukuboshelwa kukaSibongiseni Mthethwa obesenesikhathi engabonakali ngenxa yokulimala.
Nokho uMthethwa akabanga nomdlalo omuhle, okuholele ekutheni akhishwe ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili, indawo yakhe yathathwa ngu-Edson Castillo.
Nakuba womabili amaqembu ewatholile amathuba ngesiwombe sokuqala kodwa ngesiwombe sesibili iBay yiyona ekhombise ukuba ngcono kakhulu kuneChiefs, yathola namathuba amaningi okufika emapalini nokugcine kuthele izithelo.
Ngomzu ka-48 zibuya nje ekhefini, uGcaba uvalele phakathi igoli ngemuva kwebhola alibekelwe nguJustice Figareido.
Ukuqhubeka nokucindezela kweRichards Bay kugcine kuyihlomulise ngegoli lesibili ngenka uThulani Gumede, obengene ngesiwombe sesibili endaweni kaSomila Ntsundwana, ehudula amadoda maqede ibhola elishaye ipali labuya lahlangana nonyawo lukaMbuthuma labhajwa ezintanjeni ngomzuzu ka-72.
Ngaphambi kweziqubu ezimbalwa, Amakhosi ahluleke ancama ukuthwalisa kanzima iNatal Rich Boyz kulo mdlalo, futhi awekho namabhola atheni avinjwe ngunozinti waleli qembu, uSalim Magoola. Lokhu kuyinkomba yobuthuntu babagadli baleli qembu nobuthaka odongeni lwasemuva, okusho umsebenzi omkhulu osahlalele ithimba labaqeqeshi baleli qembu laseNaturena eliya ngokuya lehlelwa yizinga isizini nesizini.
Ukuqhubeka nokulahla amaphuzu kwaMakhosi kukhomba asazoqhubeka nokuzabalazela ukungena kwiTop 8 esikhundleni sokulwela ukuzibekisela indawo emqhudelwaneni weCaf Confederation Cup ekupheleni kwesizini.