Kaizer Chiefs (0) 0
Polokwane City (0) 0
NAKUBA iKaizer Chiefs ihlulekile wukubungaza unozinti wayo weminyaka, u-Itumeleng Khune ngokuwina phambi kwabalandeli bayo, isabambelele ekuqedeni isizini ibalwa namaqembu akwi-Top 8, kulandela ukucazelana amaphuzu nePolokwane City emdlalweni weDStv Premiership ngoMgqibelo ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.
Ngaphambi kokuqala komdlalo iChiefs ivalelise unozinti wayo ophelelwa inkontileka ngoJuni, u-Itumeleng Khune, ongomunye wabadlali bayo abayohlale bekhunjulwa ngegalelo lakhe eminyakeni engu-25 ayihlale kuyona.
Amakhosi aqale lo mdlalo ekuqonda kahle ukuthi awanawo uphawini wokulahla amaphuzu kwazise iPolokwane abalinganayo ibizobeqa ekubeni sekusele umdlalo owodwa ngaphambi kokusongwa kwesizini.
Njengoba lo mdlalo ubuqhubeka neminye ngesikhathi esisodwa, bekulindelekile ukuthi eminye iphumela idwebe isithombe esicacile ngazoqeda kwi-Top 8 kule sizini.
Ukuhlalana emhlane kweChiefs nePolokwane kwi-log kwenze kwalindeleka ukuthi womabili la maqembu aqale afundane okufakazelwa ukuthi isiwombe sokuqala sidlalwe saze saphela ngaphandle kweminyakazo egqamile.
Womabili la maqembu azamile ukukhuphula amasokisi kwesesibili kodwa izivakashi izona ebezingqongqoza kaningana, kuBruce Bvuma, obevimbele iChiefs.
IPolokwane bekumele ihambe phambili ngamathuba amabili alula ewathole umdlalo ungakafiki nasemzuzuwini ka-60 kodwa womabili ayehlula.
Ngokubona ukuth iPolokwane isigeleza kakhulu, iChiefs ifake uMfundo Vilakazi, ongene kwaba sengathi liyavuka leli qembu laseNaturena laqala lahlasela.
UKhune unikwe imizuzu yokugcina engu-15 lapho ethathe khona indawo kaBvuma.
Kuleyo mizuzu akukho lapho iPolokwane eke yamnika khona inkinga lo nozinti kwazise umdlalo ubusuvele uya ngokwehla kwaze kwaba uyaphela.
Elinye iqembu elizifake esigqokweni se-Top 8, AmaZulu FC anqobe ngo 1-0 kwiSekhukhune United okuwabeke emhlane weChiefs ngaphambi kokusongwa kwesisizini ngempelasonto ezayo.
ILamontville Golden Arrows neChippa United basenalo ithuba lokuqeda kwi-Top 8 uma imiphumela ihamba ngendlela abafisa ngayo ngosuku lokugcina.
I-Arrows ibambane neCape Town Spurs, iChippa yenza okufanayo neRoyal AM.
Embangweni wokubalekela imidlalo yokuhlunga, iRoyal AM, ecazelane ngamaphuzu neChippa United, ibambelele ekuphepheni kulandela ukushaywa iCape Town City kweRichards Bay FC ngo 2-0 eKapa. IBay ibambe indawo ka-15 ngamaphuzu awu-27, okwamanje okusho ukuthi izoya kodlala kweyokuhlunga namaqembu amabili akwiMotsepe Foundation Championship.