INHLANGANO engamele ibhola ezwenikazi i-Afrika, iConfederation of African Football (Caf), ihlanganise abahlaziyi bamaqembu abesifazane amane azoba yingxenye yeNdebe yoMhlaba ezoba se-Australia naseNew Zealand ngoJulayi 20 ukuthuthukisa ulwazi lwabo.
Ompetha base-Afrika, iNingizimu Afrika, bazomela izwekazi kulo mqhudelwano behambisana neMorocco, Zambia neNigeria.
Inhlangano yebhola kuleli, iSafa, ibimelwe nguShilene Booysen noSinesipho Mali ababeyocoshela iqembu lesizwe labesifazane, iBanyana Banyana, ulwazi kulezi zifundo eziqale ngoJuni 13 zaphela ngoJuni 14 eCasablanca, eMorocco.
Lokhu bekuyingxenye yezinhlelo zeCaf zokutshala imali ebholeni labesifazane kanye nokufukula amazwe ase-Afrika azobamba iqhaza emiqhudelwaneni yomhlaba.
Lezi zifundo bezihlelwe ngokubambisana neRoyal Moroccan Football Federation, engenye yezinhlangano ezihamba phambili e-Afrika ekuthuthukiseni abaqeqeshi.
Umqondisi weCaf, uRaul Chipenda, uthe le nkundla yokucobelelana ngolwazi iyahambisana nezifiso zikaMengameli weCaf, uPatrice Motsepe, zokubeka ibhola lase-Afrika ezingeni lomhlaba.
“I-Afrika isiqala ukuqhudelana namazwe ahamba phambili emhlabeni, lokhu kugqame kahle eQatar ngesikhathi iMorocco ifinyelela kowandulela owamanqamu. Sifuna ukuthuthukisa namaqembu ethu abesifazane njengoba lokhu kusahambisana nombono ka(Dkt) Motsepe,” kusho uChipenda.
“Lezi zifundo bezakhelwe ukunika abahlaziyi ulwazi ngamathuluzi ezobuchwepheshe adingekayo ebholeni lamanje ukuze benze umsebenzi wabo ngendlela encomekayo.
“Uma besebenzisa lobu buchwepheshe ukuqoqa ulwazi ngabadlali bangakwazi ukuwabeka kwelinye izinga amalungiselelo abo eNdebe yoMhlaba. SiyiCaf sizimisele ukufaka isandla uma kukhona usizo abaludingayo.”
IBanyana Banyana iseqoqweni uGroup G lapho iqhathwe ne-Argentina, Sweden ne-Italy. INigeria izobhekana nosokhaya i-Australia, iCanada neRepublic of Ireland kuGroup B.
IZambia iqhathwe neCosta Rica, Japan neSpain kuGroup C kanti iMorocco izodudulana neColombia, Germany neSouth Korea kuGroup H.