UKUZIMELELA kweConfederation of African Football (Caf), ezinhlelweni zayo zokuthuthukiswa kwebhola labesifazane e-Afrika, kungase kuyishiye igcwalelwa umgodi iPremier Soccer League (PSL), esaqhubeka nokukhombisa inkani ekulandeleni imigomo yeCaf Club Licensing.
Isizini ka-2023/2024 ngokweCaf, iza noguquko olukhulu ngoba kuzoqala kusebenze umbandela othi, amaqembu abesilisa ezwenikazi awazukuvunyelwa ukudlala kwiCaf Champions League, neCaf Confederation Cup, uma engenayo iminxa yabesifazane.
Lokhu iCaf ikwethule ngo-2021, ngaphansi komkhankaso ewubiza ngeCaf 2021-2025 Action Plan kanti iphinde yakugcizelela lokhu embikweni ewushicilele ngoMeyi, obizwa ngokuthi, yi-Africa Women’s Football Landscape Report 2022.
Lokhu kufaka izulu ekhaya kwiPSL ngoba emaqenjini amane azoyimela emiqhudelwaneni yeCaf ngesizini ezayo, lilodwa kuphela elinophiko lwabesifazane.
Lelo yiMamelodi Sundowns, ebuyela kwiCaf Champions League, emuva kokunqoba okwesithupha kulandelana isicoco seDStv Premiership.
Amanye, yi-Orlando Pirates, SuperSport United neSekhukhune United.
IPirates ithole ithikithi leChampions League ngokuqeda endaweni yesibili kwiDStv Premiership, lokhu kwanikeza iSekhukhune eleConfederation Cup ngemva kokuyehlula kowamanqamu eNedbank Cup.
ISuperSport ingene kwiConfederation Cup, ngokuqeda endaweni yesithathu kwiPremiership.
Mabili kuphela amanye amaqembu ePSL aneminxa yabesifazane; yiTS Galaxy, neRoyal AM ethenge iBloemfontein Celtic engasekho.
Okwenziwe yiGalaxy ne-AM (ukuthenga amaqembu abesifazane adlala kwiHollywoodbets Super League - okuyiligi yabesifazane ethe thuthu ngaphambi kweSasol League), kubukeka sekuyikho kuphela okuyindlela elula engatakula iPirates, Sekhukhune, SuperSport nePSL ngesizini ezayo.
Kuzobe kungesikho okokuqala iPSL ingena ehlazweni kwiCaf ngoba nango-2022/2023, igileke igoda abaqeqeshi abathathu abangaphansi kwayo benqatshelwa ukuhlala emabhentshini kwiChampions League nakwiConfed.
Labo ngu-Eric Tinkler weCape Town City, eqale kwiChampions League ngaphambi kokwehlela kwiConfed, noKhabo Zondo we-AM abebedlala kwiConfed.
Lokhu kudalwe wukuthi iPSL igoloze njalo ukufunzelela emaqenjini ayo umgomo ovela phezulu kwiFederation of International Football Association (Fifa), othi abaqeqeshi mabafunde bagogode.
ICaf Club Licensing, kulo nyaka iphinde yavusa uthuthuva lweminyaka phakathi kwiPSL neSouth African Football Association (Safa).
Uthuthuva luvuswe wukuthi iSafa ikhumbuze iPSL ngombandela othi abaqeqeshi bePremiership mababe neCaf Pro noma iCaf A Licence, kuthi amaphini abo abe neCaf A noma iCaf B Licence uma bedabuka e-Afrik, kanti kufuneka i-Uefa Pro uma bedabuka phesheya.
ICaf ikubeka kucace ukuthi nge-Africa Women’s Football Report, ilindele ukuzuzani; ukuthola isithombe esicacile samandla nobuthaka (ekuphathweni) kwebhola labesifazane ezwenikazi. Lokhu kuzolekelela emigomeni okumele ilandelwe ngamalungu/izifunda zeCaf (phecelezi, Caf Member Associations).
I-PSL igolozela iSafa nje, yathi izofuna umhlahlandlela kumengameli weCaf, uPatrice Motsepe kodwa kubukeka isikhwili sizophambana nobhoko ngoba umbiko wangoMeyi, usayindwe nguye uqobo umengameli.
Ngaphambi kokuwusayinda umbiko, uMotsepe uqale wagiya ngesandla sakhe ekuthuthukisweni kwebhola labesifazane, eveza ukuthi wethule iCaf Women’s Champions League osekuzohlonyulwa kuyo u-$28 million (R155 million), wethula i-African Schools Football Championship, lapho kudlala khona amantombazane angu-180 000, avela emazweni ahlukene kusuka enhla kuya emazansi ne-Afrika.
Ukungadlali kwamaqembu ePSL kwiCaf, kungase kuwafake nakakhulu amanzi endlini ngoba kunganciphisa izikhala zeNingizimu Afrika, emiqhudelwaneni yenhlangano.