Kaizer Chiefs (0) 0
Young Africans (2) 4
Kuhlale obala kubalandeli beKaizer Chiefs ukuthi kusazothatha isikhathi ngaphambi kokuthi kubonakale isandla somqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, kulandela ukutitinywa kwaleli qembu iYoung Africans yaseTanzania koweToyota Cup ngeSonto eFree State Stadium.
Amakhosi abedlala okokuqala eNingizimu Afrika kusukela esayinise lo mqeqeshi waseTunisia ngenhloso yokuguqula isomiso sezinkomishi eNaturena.
Nakuba iChiefs ingakangeni kangako emakethe yabadlali bekulindeleke ukuba kubonakale isandla salo mqeqeshi ofike kuyona nerekhodi elihle lokuqukula izinkomishi.
Okusheshe kwacaca ngoNabi ukuthi uyakholelwa kubadlali abasebancane okufakazelwa ukuthi, uMfundo Vilakazi, Samkelo Zwane, Mduduzi Shabalala noNkosana Mbuthu, bonke bawuqalile umdlalo.
Esiwombeni sokuqala uMbuthu oyindodana yenkakha yeChiefs, uPatric “Ace” Mbuthu, uzifake khaxa ezinhliziyweni zabalandeli ngendlela abelihlikihla ngayo yize kube iphutha lakhe elidale igoli lesibili elishaywe, u-Aziz Ki, ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala.
Inkundla ivulwe, uPrince Dube, ngomzuzu ka-25 lapho kugqame khona ukungaxhumani, koThatayaone Dithlokwe noGiven Msimango emuva.
Ukuqala kukaMbuthu oneminyaka engu-19 kusidweba sicace isithombe sokuthi, uHappy Mashiane, uzoba nenkinga ukuthola isikimu kwazise kulokhu simeqe yize belimele, u-Edmilson Dove noBongani Sam, (yize engakamenyezelwa njengomdlali weChiefs).
Nakuba ebuye washintsha esiwombeni sesibili kodwa uNabi ubonakale ekholelwa kubagadli ababili njengoba enzile ngokuqala umdlalo, ngoRanga Chivaviro no-Ashley du Preez.
Ngaphandle kokungena, kukaNkosingiphile Ngcobo, endaweni kaChivaviro nokushintsha ijezi, akukho okutheni okubuye neChiefs esiwombeni sesibili.
Izivakashi zizinyomfe zaziqeda izinhlelo zeChiefs zokwamukela uNabi ngokushaya igoli lesithathu ngonyawo, lukaClement Mzize, ngomzuzu ka-57.
Nakuleli goli kuphinde kwavela ukuthi uNabi kusafanele asebenze ngokuxhumana kukaMsimango noDithlokwe ohlale cishe isizini edlule engadlali ngoba elimele ehlombe.
Umdlalo usuyela emzuzwini ka-60 bese kunokuhhumuzela kubalandeli beChiefs bengasagxilile kangako emdlalweni kusobala ukuthi babhunga ngabebekubuka phambi kwabo.
Kuthe kusenjalo uZwane obese evele ezokhishwa waphasa engabukanga kanti upha uKi ithuba lokuvalela enethini igoli lesine lalo mdlalo.
Emuva komdlalo ekhuluma kwiSuperSport, uNabi uthe phansi amaphathu kubalandeli beChiefs.
“Ngiyazi uyaphoxa umphumela kodwa ngicela abalandeli basinike ithuba ngoba kuningi okuhle okwenzeke kulo mdlalo esizokwakhela phezu kwakho.
“Siyiqembu elinabadlali abaningi abancane ngakho-ke kuzothatha isikhathi ukuthi babambe ngendlela konke esibatshela khona.
“Amaphutha enzekile awangiphethe kabi ngoba ngiyaqonda ukuthi bekuwumdlalo wakho vele ukwenza amaphutha ukuze sizokwazi okufanele sikugweme ngokuzayo.
“Kuningi okuhle okwenzeke emdlalweni esizokwakhela phezu kwakho ngakho-ke phansi amaphaphu,” kusho lo mqeqeshi othembise ukuthi ngeke amlahle uMbuthu.