Richards Bay (0) 0
TS Galaxy (0) 0
AYIZANGE inyakaze endaweni yesithathu kwi-log yeDStv Premiership, iRichards Bay FC kulandela ukucazelana kwayo ngamaphuzu ne-TS Galaxy ngeSonto ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Womabili amaqembu abedinga amaphuzu agcwele ngezizathu ezahlukene. IBay ibizosondela kwiMamelodi Sundowns eqhwakele kanti izivakashi bezizophefumula kangcono njengoba zisesigabeni esingezansi kwi-log.
INatal Rich Boys egcine ukubonakala enkundleni iqoqa amaphuzu amathathu kwiRoyal AM emasontweni amabili adlule, iyona eqale lo mdlalo ithishwe kangcono ngenxa yendawo ehleli kuyona kwi-log uma uqhathanisa nala kuhleli khona izivakashi.
Ngakolunye uhlangothi, iGalaxy, eyiqale kahle isizini, ize kulo mdlalo kungayihambeli kahle kwazise iwini ilokhu iyigcine ngesonto lesibili enyangeni edlule inqoba kwiSuperSport United.
Abeqala ukuhlangana esigabeni esikhulu la maqembu kodwa lokhu akuzange kuwavimbe ukuthi akhombise zisuka ukuthi abengazele ukuzohlala emuva kulo mdlalo kepha abezofuna amagoli.
Imizuzu yokuqala engu-15 ize yaphela bengakasebenzi bobabili onozinti obekugcwalisa ukuthi, yize bezithengana kodwa iminyakazo eminingi ibigcina maphakathi nenkundla.
I-freekick kaLuvuyo Memela weBay, ngomzuzu ka-35 ibe yibhola lokuqala elisebenzise unozinti omusha weBafana Bafana, uMelusi Buthelezi, obesezintini zezivakashi.
Zibuye ngoqina-thambo esiwombeni sesibili kodwa lutho iminyakazo ethusayo nhlangothi zombili.
Nakusona lesi siwombe bekusaqapheleka ukuthi isikhathi esiningi ibhola lidlalwa maphakathi nenkundla, hhayi phambi kwamapali lapho kunamathuba khona okushaya amagoli.
Lo mdlalo uhambe ngendlela efanayo, ungenamathuba athusayo, kwaze kwaba wukuthi uyaphela.