Richards Bay FC (0) 1
Kaizer Chiefs (0) 0
I-RICHARDS Bay FC idambise izinkinga zayo zezembe kodwa yandisa utavatava kwiKaizer Chiefs ephume kwi-Top 8 ngenxa yomphumela womdlalo weDStv Premiership ngeSonto ntambama, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
Ngemuva kwemidlalo yangempelasonto, iChiefs enewini eyodwa emidlalweni yeligi engu-12, isuke endaweni yesishiyagalombili kwi-log yahlala kweka-10 ngesikhathi esifanayo iBay yanweba igebe ngamaphuzu ayisishiyagalombili phakathi kwayo neCape Town Spurs esemsileni.
Igoli okube ilona lodwa lomdlalo livalelwe enethini ukaputeni weBay, uSimphiwe Mcineka, alingqofela enethini esiwombeni sesibili.
Nakuba kuyiChiefs ebithishwe ukuthi inqobe ngenxa yesithunzi kodwa iBay iyona efike emdlalweni ihambela phezulu kwazise iwaqoqe egcwele kwiMoroka Swallows ngaphambi kokwamukela iChiefs.
Amakhosi ngakolunye uhlangothi, afike eThekwini amakhanda ebheke phansi kwazise kwemibili edlule akhale ngaphansi kwiStellenbosch FC neChippa United ngokwahlukana.
Kwemibili iChiefs eyidlale phambi kweyeStellies neChiefs ibambane kowodwa neCape Town City ngo 0-0 yashaywa i-Orlando Pirates ngo 3-2 komunye. Leli qembu selokhu lagcina ukunqoba kwiligi ngoMashi 5, lihlula iLamontville Golden Arrows.
Kusobala ukuthi imizuzu yokuqala engu-10 ibachazile abalandeli beChiefs abebephumile, abebechwaziswa iminyakazo kaMduduzi Shabalala, owuqale kahle umdlalo maphakathi nenkundla.
Nakuba iChiefs iqale kangcono kodwa ibingeyona ingozi kwiBay okufakazelwa ukuthi ithuba lokuqala lomdlalo liwele kuShabalala ngomzuzu ka-15 kodwa lamhlula esebhekene nonozinti weBay, uSalim Magoola.
Kubuye kwaba sengathi uyaphola umdlalo maphakathi nesiwombe sokuqala kwaze kwaba umzuzu ka-28 lapho, uChristian Saile, bekumele enze khona kangcono kodwa naye waqondisela uMagoola.
Womabili amaqembu azamile ukuhlaselana emizuzwini yokugcina engu-20 elandele lapho kodwa umdlalo uhambe kwaze kwaba kuyiwa ekhefini.
Okuqapheleke zibuya esiwombeni sesibili ukuthi abalandeli beChiefs bese beqala ukuvungama uma umdlali wabo ethathe isinqumo abangahambisani naso.
Kuthe kusenjalo iBay yazithola isihamba phambili ngelingqofelwe enethini uMcineka kade kuyikhona kaSanele Barns, ngomzuzu ka-64.
Kuyiphaphamisile lokhu iChiefs kwaba sengathi iyavuka kodwa ibhola lika-Ashley du Preez, lashaya ipali selimdlile uMagoola.
Ilukuluku leChiefs lokufuna ukulinganisa ngokushesha belibuye libe ingozi kuyona kwazise beliyishiya iklayekile emuva kodwa iBay yagcina ihlulekile ukusebenzisa lawo mathuba.
Nakuba sekwengezwe ngemizuzu eyisishiyagalombili, iChiefs izame yaze yancama lingavumi ukuvela igoli lokulinganisa. Leli qembu ligcine lakhe amathuba awu-14 emdlalweni kodwa lutho igoli. Emdlalweni olandelayo iChiefs izobhekana neSuperSport United ngoMgqibelo, ePeter Mokaba Stadium.