Bafana Bafana (1) 1
Mozambique (0) 1
IBAFANA Bafana iyeke ithuba lokuzibula ngamaphuzu agcwele kwiHollywoodbets Cosafa Cup kulandela ukubambana kwayo neMozambique emdlalweni ka-Group A walo mqhudelwano oqale ngoLwesithathu ebusuku eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.
IBafana okuyiyona vele ewuqale ngomfutho umdlalo iye ekhefini ihamba phambili ngegoli, likaRushwin Dortley, alishaye sesiyela ngasemaphethelweni Isiwombe sokuqala.
Kwesesibili kube, u-Alfadenga Chamito, obuyisela iqembu lakhe ebuhleni ngesikhathi elinganisa ngenguzunga yeshodi ayishaye ekude.
Abafana bakaHelman Mkhalele, bakucacise zisula ukuthi ibona abadlalela ekhaya kwazise imizuzu yokuqala engu-40 ithe iyophela, u-Asanele Velebayi noThabang Sibanyoni, bese befike ezintini zeMozambique okungenani amahlandla amabili ngokwahlukana.
Okusheshe kwagqama kulo mdlalo ukuthi iBafana ibilithinta kamnandi ngendlela ethi ayifane, neqembu elikhulu likaHugo Broos, kodwa kwale uma isingene ebhokisini lezitha.
Okunye okuqapheleke esiwombeni sokuqala ukuthi yize iBafana ibihlasela ngamandla kodwa unozinti weMozambique, u-Acacio Muendane, ubesemdlalweni ngaso sonke isikhathi abedingeka ngaso.
Ngomzuzu ka-39 ukaputeni weBafana uDortley uyibeke ebuhleni ngegoli alishaye kulandela iphasi emnandi, ka-Ethan Brooks.
Akuzange kwethuse lokhu ngoba iyona vele ebilokhu ihlasele ngamandla ngesikhathi esifanayo iMozambique izinzile emuva.
Njengoba bekulindelekile iMozambique iwukhuphulile umdlalo esiwombeni sesibili kwazise ibisilandela emuva.
Nangempela iqalile yavakasha kaningana ezintini, zikaMondli Mpoto, obevimbele iBafana, obepholile esiwombeni sokuqala.
Lokhu kuphola kukaMpoto kushabalale ngesikhulu isivinini ngesikhathi uChamito ejikijela udalimede weshodi ngomzuzu ka-65.
Bese kungathi umdlalo ohlukile emuva kokungena kwaleli goli lokulinganisa kwazise bese kuyiMozambique ebisidlalisa okweqembu lasekhaya. Akubange kusabakhona ushintsho emuva kwaleli goli.