INYUKILE IBafana Bafana ekuklelisweni kwamaqembu amazwe ngaphansi kweFederation of International Football Association (Fifa).
Ekuklelisweni kwakamuva kweFifa, iBafana inombele izindawo ezine isuka kunombolo-66 emhlabeni kwango-Ephreli 2023 kuya ku-62 ngoJuni 2023.
Akubuzwa ukuthi ukuhlula iMorocco ngo 2-1 emdlalweni wakamuva kweyokuhlungela i-2024 Africa Cup of Nations, yiko okube nomthelela omkhulu ekunombeleni kweBafana.
IMorocco iseyiqembu elihamba phambili e-Afrika nelikweliswe kunombolo-13 emhlabeni.
IBafana ihlule iMorocco evele womabili la mazwe esezibekisele indawo kwi-Afcon, nayo ezoletha izinguquko ezinkulu emazweni azoyibamba kuyo e-Ivory Coast ngoJanuwari noFebhuwari.
Ompetha bomhlaba, i-Argentina, basazihola phambili emhlabeni. Balandelwa yiFrance (2), Brazil (3), England (4) neBelgium (5).
Ngokokuqala eminyakeni engaphezu kwemihlanu ukuthi iBafana ibe ngaphansi kuka-65 kwiFifa.
Amanye amazwe ase-Afrika angaphezu kweBafana ngemuva kweMorocco - yiSenegal (18), Tunisia (31), Algeria (33), Egypt (34), Nigeria (39), Cameroon (43), Mali (50), Ivory Coast (51), Burkina Faso (55) neGhana (59).