Bafana Bafana (1) 3
Zimbabwe (1) 1
IBAFANA Bafana inombele ngeZimbabwe ngesikhathi ikhuphula amathuba ayo okudla u-Group C wemidlalo yokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026 ngokunqoba ngoLwesibili ebusuku eFree State Stadium, eBloemfontein.
Awuzange uphele umzuzu umdlalo uqalile wabe eselibhakuzise enethini, u-Iqraam Rayners, kulandela iphutha elenziwe izitobha zeZimbabwe ebezizama ukudlala emuva.
Amanye amagoli aze aqhamuka noThapelo Morena ongene ekuqaleni kwesiwombe sesibili wafika waweza iBafana ngokuyishayela amabili.
Kuthe iBafana isajabulela igoli, uTawanda Chirewa, washayela izivakashi elokulinganisa ngomzuzu wesibili kulandela ukulala ubuthongo kwabadlali bayo ibhola liphumele ngaphandle kanti iZimbabwe izoliphonsa ngokushesha.
Nakuba bekusobala ukuthi kuyethusile iBafana ukulinganisa kweZimbabwe, ezikaHugo Broos, ziphinde zabuyela emgqigqweni okuyinto ebajabulisile abantu baseMangaung abebephume ngobuningi babo.
Yize iBafana ibisidlala ngendlela ebilindeleke kuyona kodwa iZimbabwe ibilokhu iqhamukile nawayo amathuba abekhumbuza ezikaBroos ngobungozi bokukhohlwa ukuthi bezibhekene neqembu eliyingozi.
Kube sengathi umdlalo uyadamba maphakathi nesiwombe sokuqala kwaze kwaba imizuzu yokugcina yaso lapho iBafana ibisikhombisa khona izimpawu zokulifuna ngenkani igoli lesibili.
UBroos ngoshintsho lapho ekhiphe khona, u-Elias Mokwana, endaweni yakhe kwangena uMorena, okulandelwe ikhadi eliphuzi kuTebogo Mokoena.
Lokhu bekudalwa indlela iZimbabwe ebuye ngokuzethemba ngayo esiwombeni sesibili futhi kusobala ukuthi iyona ezothola igoli elilandelayo.
Akuhambanga kanjalo kwazise kube uMorena obuyisele iBafana ebuhleni kulandela umsebenzi omuhle ka-Mokoena ngomzuzu ka-55.
Njengoba bekulindelekile iBafana ilikhuphulile igiya kulandela ukushaya igoli ebeliyiphefumulisa kangcono kanjalo nabalandeli.
Sekusele imizuzu engu-15 ukuba umdlalo uphele, u-Oswin Appollis ushaye iphasi yeqophelo lomhlaba ibhola lahlangana noMorena oweqe unozinti weZimbabwe walinamathisela enethini elesithathu.
Uke wama lo mdlalo imizuzu embalwa usuyophela kulandela ukungena enkundleni kweziphoxi ezimbalwa zabalandeli ebezona into enhle abantu baseFree State abebephume ngobuningi.