Bangene kunzima kuma-quarterfinal osokhaya be-Africa Cup of Nations, i-Ivory Coast, bekhipha iqembu elanqoba le ndebe ngo-2022, iSenegal, ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni weLast 16 obuseCharles Konan Banny Stadium, eYamoussoukro, ngoMsombuluko ebusuku.
ILions of Teranga igadle kuqala kulo mdlalo kungakapheli nemizuzu emihlanu ngesikhathi uHabibi Diallo evala ibhola ngesifuba ebhokisini ngaphambi kokudedela ishodi alizwe ngendaba unozinti we-Ivory Coast, uYahia Fofana.
Kuthe sekumuncu enkundleni iqembu lasekhaya lathola iphenathi ngomzuzu ka-86 ngesikhathi unozinti weSenegal, u-Edouard Mendy, ethela phansi uNicolas Pepe ebhokisini, uFranck Kessie wayivalela phakathi.
Alikho iqembu elikwazile ukuthola igoli kwi-extra time, umdlalo wadlulela kumaphenathi. Bonke abakhahlelile bawebeke phakathi ngaphandle kukaMoussa Niakhate, ibhola lakhe elishaye ipali.
Iphenathhi eweze i-Ivory Coast iphinde yashaywa nguKessie, kwachwaza inkundla. Iqembu lasekhaya selizobhekana neqembu elizowina phakathi kweMali neBurkina Faso abazodlala namuhla ngo-7 ebusuku.
Komunye umdlalo we-Last 16, iCape Verde idlulele kuma-quarter-final ngokushaya iMauritania ngo 1-0 eFelix Houphouet Boigny Stadium, e-Abidjan. Igoli elilodwa kulo mdlalo kube yiphenathi eshaywe nguRyan Mendes esiwombeni sesibili.
Womabili amathuba abenawo amathuba okushaya amagoli ekuqaleni komdlalo kodwa angakwazi ukuwasebenzisa. IMauritania ishayeke kabi ngesikhathi injini yasesiswini u-Omare Gassama elimala ngaphambi kwekhefu indawo yakhe yathathwa uGuessouma Fofana.
Ngesiwombe sesibili kube yiMauritania ethole ithuba elihle lokushaya igoli ngesikhathi uSouleymane Anne ezithola ebhekene nonozinti kodwa wakha amabhilidi. Unozinti weMauritania, uBabacar Niasse, naye wenze kahle evimba amabhola kaMendes noJovane Cabral.
Sekusele imizuzu emihlanu umdlalo uphele uGilson Tavares ufinyelele ebholeni ebeliphaselwe unozinti uNiasse wamkhuba esebhokisini nokwenze unompempe wayikhomba ngaphandle kokunanaza.
UMendes ubeke iphenathi enethini okwenza iqembu lakhe lingene kuma-quarterfinal okwesibili. Baqala ukufika kulesi sigaba ngo-2013 emqhudelwaneni owawudlalelwa eNingizimu Afrika.