I-EZEMVELO Women’s FC iqhathwe neSophakama yase-Eastern Cape ne-University of Cape Town kuGroup C wemidlalo yama-Play-Off kazwelonke eSafa Sasol League azodlalelwa eKnysna, eWestern Cape, ngo-Okthoba 15-20.
Ukuqhathwa kwamaqembu azoqhuthana amakhizane kule midlalo kwenziwe ngoLwesine, eSandton, eGoli, emcimbini obuhanjelwe yizikhulu zeSafa, okubalwa kuzo uLydia Monyepao kuzwelonke, u-Elton Fortuin oyiphini likamengameli weSasol Group Brand and Communications, nokaputeni weBanyana Banyana, uRefiloe Jane.
I-Ezemvelo emele iKwaZulu-Natal iphakathi kwamaqembu ayisishiyagalolunye azobe emele izifundazwe zaseNingizimu Afrika kule midlalo yokuhlunga amaqembu amabili azokhushulelwa esigabeni seHollywoodbets Super League.
Emdlalweni wokuvula ngo-Okthoba 15, i-Ezemvelo izotholana phezulu neSophakama, bese ilandela nge-University of Cape Town ngo-Okthoba 16.
“Siyi-Sasol siyaziqhenya ngokuxhasa ibhola labesifazane ngeSasol League. Isiqubulo sethu esithi ‘Fuelling Her Game’ sikhombisa ukuzibophezela kwethu ekufukuleni, nasekusizeni abadlali bebhola besifazane ekufezeni amaphupho abo enkundleni nangaphandle kwayo,” kusho uFortuin esitatimendeni seSafa.
UMonyepao uthe: “Phezu kwezinselelo esibhekene nazo kodwa iSasol isalokhu ibambisene nathi siyiSafa kusukela ngo-2009, ekufezekiseni amaphupho ezinkulungwane zamantombazana kuleli lizwe anothando lokubamba iqhaza ebholeni labesifazane. Ngenxa yobudlelwano bethu neSasol namuhla sinamantombazane adlala ibhola elikhokhelayo kumaligi aphesheya kwezilwandle, siphinde sibe namaqembu esizwe aphumelelayo okubalwa kuwo iBanyana Banyana.”
Amaqembu amabili azofinyelela kowamanqamu kumaPlay-Off yiwona azothola ingqayizivele yethuba lokukhushulelwa kwiSuper League okuzohambisana nesheke lika-R200 000 nendebe kwelizodla umhlanganiso kowamanqamu, elizolala isibili lihlomule ngo-R100 000 nezindondo zethusi.
Nyakenye, iqembu elanqoba kwaba yi-University of Fort Hare yase-Eastern Cape eyaguqisa iLindelani Ladies yaseKZN kowamanqamu.
Ngakho i-Ezemvelo ibhekene nenselelo yokuhamba ezinyathelweni zeLindelani ngokuphukela esigabeni esiphezulu.
Esewonke amaqembu azodlana imilala kumaPlay-Offs kazwelonke eSasol League:
Group A: Ramatlaohe (LP), Super Strikers (MP), FC Raycon Ladies (GP)
Group B: Kosvies (FS), North West University (NW), Royal Wizards (NC)
Group C: Sophakama Ladies (EC), University of Cape Town (WC), Ezemvelo Ladies (KZN)