ISIPHEDUKE unuka ngilahle eye-Orlando Pirates nemithetho yeConfederation of African Football (Caf), ebeke kudala umgomo wokuthi amaqembu abesilisa azodlala emiqhudelwaneni yayo, abe nezinhlangothi zebhola labesifazane.
IPirates kukhulunywa nje, iseComoros lapho iyodlala khona eyokucaba indlela yeCaf Champions League neDjabal Club d'Iconi yaseComoros.
Iqembu laseSoweto lifulathele iNingizimu Afrika ngoLwesithathu, lalibhekisa eComoros emdlalweni ozoqala namuhla ngo-2.30 ntambama.
Umbuzo kodwa namanje ongaphenduleki ngothi, Ezimnyama eziphethwe ngu-Irvin Khoza oteketiswa ngele-Iron Duke, zithathe yiphi ingane ezingayazali ukugculisa umbandela weCaf wokuba neqembu labesifazane ukuze zivunyelwe ukudlala kweyeCaf?
Ngeledlule, leli phephandaba libike ngosizi eliluthole kosophikweni lwezokuxhumana kuleli qembu, uThandi Merafe, othe eshayelwa ucingo ebuzwa ngalokho, wayalela ukuba athunyelwe i-email equkethe imibuzo.
Uthunyelwe uMerafe imibuzo ngayo i-email waphinda waziswa ngayo ngomqhafazo (Whatsapp) futhi washayelwa ucingo. Konke lokho akabange esakuphendula.
Nakuleli sonto, kube ngesifanayo iphephandaba lizama ukuthola impendulo ye-email kodwa lwavele alwangaba lusangena nhlobo-ke ucingo lwakhe.
Kukhona belu nokuthi uhambe neqembu waya eComoros ngoLwesithathu, emuva kokuba lishaye into ephansi libhekene neChippa United, eGqeberha, ngoLwesibili ebusuku.
Ekuhlulekeni ukuthola izimpenduko kuMerafe, iphephandaba liphoseke ku-Andile “Ace” Ncobo, oyimenenja jikelele kwiPSL.
Yilapho iqale khona ukuba ngunuka ngilahle le ndaba kwazise naye uzihlangulile wathi ukubhalisa kwamaqembu kwiCaf kudlula kwiSafa, hhayi kubo.
“Eyokubhaliswa kwamaqembu ngemiyalelo yeCaf, idlula kwiSafa. Thina silima eyezasekhaya. Leyo ethinta iCaf, ungayithola kwiSafa,” kusho uNcobo.
Nebala iphephandaba liphaphatheke labheka kuMzwandile Maforvane, oyisikhulu emnyangweni wezemiqhudelwano kwiSafa kodwa naye wayidlulisela phambili kwiCaf.
UMaforvane naye unuke walahla wayalela ukuba kushayelwe uSamson Adamu, ongumqondisi wezemiqhudelwano kwiCaf.
“Eyamaqembu nokubhaliswa kwayo kwiCaf, akusiyo eyeSafa kodwa ingaphendulwa yiCaf uqobo. Ngicela ukukuthumelela inombolo kaSamson Adamu waseNigeria, ukhulume naye ngalokho okubuzayo,” kusho uMaforvane.
“Nokho ngokwami, ujaha unogwaja osusithele emgodini ngoba okusobala wukuthi iCaf ibamukele babhalisa njengoba behambile nje bayodlala. Lokho kusho ukuthi akusekho okukhulumisayo ngokubhaliswa kwabo kwalo nyaka.”
Yize uMarfovane ebekhuluma iqiniso kodwa kusasele ukuthi ngabe iPirates iwulandelile umbandela kwazise igcinwe ixoxa neWits University ne-University of Johannesburg noma ikwazile ukuweqa lo mbandela.
Nokho-ke uMaforvane ucuphe ekutheni makushayelwe ucingo u-Adamu, ogcine engatholakalanga.