KUFANELE ukuba ukubuyela esikimini ngegiya eliphezulu kwabadlali beKaizer Chiefs ababesizwa ngendaba isikimu ngaphansi kukaNasreddine Nabi, kuyalikhuphula ithemba lokudla ijezi kulabo abangakalitholi ithuba ngenxa yezizathu ezihlukene.
Nakuba iChiefs isakhombisa izimpawu zokuba buthaka phambili nasemuva kodwa ukubuyela esikimini kwabadlali uNabi afike bengekho ngenxa yezizathu ezahlukene, kufanele ukuba kubafaka ugqozi laba badlali abasalinde ithuba labo.
IChiefs egcine ukubonakala kwiBetway Premiership ikhala ngaphansi ngo 2-0 uvela kwiPolokwane City izothola ithuba lokwehlisa igwebu nge-TS Galaxy ngoMsombukuko ngo-3.30 ntambama, eMbombela Stadium.
Nakulo mdlalo kulindeleke ukuthi aqhubeke nokuba sesikimini, uSibongiseni “Ox” Mthethwa obengabhekwa nangeso emidlalweni yokuqala yeligi.
Le njini isiyidlale yomibili eyeChiefs edlule futhi uNabi akafihli ukuthi weneme ngayo.
“Obekwenza eqiwe ijezi ukuthi ubekhombisa izimpawu zokungazimiseli ukujika indlela akwazi ukudlala ngayo ekubeni besifuna okunye kuyena,” kusho uNabi emasontweni adlule.
Omunye umdlali othole ithuba walisebenzisa nguDillan Solomons yize kubanjwe umoya ngokuthi uzobe eseluleme yini ngoMsombuluko, kwazise uphinde wathinteka futhi.
Naso lesi sitobha asizange silithole ithuba lokuchaza uNabi kwazise ufike silimele. Bekudlala uReeve Frostler kule ndawo esemuva kwesokudla kodwa uthe angathola isigwebo samakhadi, uSolomons wayibambisisa indawo.
Kwenzeke okufanayo kunozinti uBrendon Petersen, olisebenzisile ithuba kulandela ukulimala kukaFiacre Ntwari obeqala imidlalo.
UNtwari uyiqale kahle isizini kodwa ngokuhamba kwesikhathi izinto zishintshile nabalandeli baze bamhhewula.
Yize uPetersen engakaphumeleli ukuvimba izitha ukuba zibhakuzise inethi kwemihlalu aseyidlalile kodwa ukubuyela kwakhe esikimini kufanele ukuba kubuyisa ithemba koGeorge Matlou, Edmilson Dove, Bongani Sam noMduduzi Mdantsane, bonke abangakadlali ngenxa yezizathu ezahlukene kusukela kufike uNabi kwiChiefs.
Inkulumo kaNabi ngoTebogo Potsane, naye obedlala okokuqala kowePolokwane, iyona okufanele ibakhuphulele nakakhulu ithemba laba badlali.
“Indlela adlale kahle ngayo uPotsane ngeke ukholwe uma ngikutshela ukuthi usenesikhathi engadlali ngenxa yokulimala,” kusho lo mqeqeshi emuva kowePolokwane.
“Akukho okuyisipesheli abekwenza (uPotsane) ngaphandle kokuthatha izinqumo eziphusile. Uma bonke abadlali beChiefs bengasika iphetheni kuPotsane ngokuthathwa kwezinqumo eziphusile, iqembu ngabe likude kakhulu,” kubeka uNabi.
Imidlalo yeBetway Premiership
Namuhla: AmaZulu v Royal AM (King Zwelithini Stadium, 7.30pm)
Kusasa
Golden Arrows v Richards Bay (Mpumalanga Stadium, 3.30pm); Chippa United v Cape Town City (Buffalo City Stadium, 5.45pm); SuperSport United v Magesi (Lucas Moripe Stadium, 8pm)
NgeSonto
Polokwane City v Marumo Gallants (Peter Mokaba Stadium, 3.30pm)
NgoMsombuluko
TS Galaxy v Kaizer Chiefs (Mbombela Stadium, 3.3pm)