AKUKONA ukunyuka kwezinga lebhola elidlalwa kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) kuphela okuqaphelekayo kepha neqhaza labaqeqeshi abawumsinsi wokuzimilela emazweni abo ligqamile.
Phakathi kwabaqeqeshi abangu-24 abaqale i-Afcon, esingena kumaquarterfinal e-Ivory Coast, abangu-13 babo baqeqesha amazwe abadabuka kuwona e-Afrika, kumbe abazali babo bangumsinsi wakhona.
Okwenzekayo kuyiphupho labathandi bebhola base-Afrika. Kuvamisile ukuthi ibhola lezwekazi lingagqanyiswa ngendlela efanele emhlabeni kepha esikhathini esiningi abadlali abathathwa njengabaphambili emaligini ahlonishwayo e-Europe, ngabase-Afrika.
Ukukhula kwesibalo sabaqeqeshi abangumsinsi emazweni abo kuzitolika ngokuthi kuvuna unobhutshuzwayo wase-Afrika. Lokhu kufanele kushayelwe ihlombe ngoba nabaphathi bamanje bayakholelwa ekutheni izwekazi linamava okukhiqiza izwe elizodla iNdebe yoMhlaba ngelinye ilanga.
Kusukela ibhola lase-Afrika, lithathwe nguPatrice Motsepe njengomengameli okhethweni obeluseMorocco ngo-2021, kuningi okuhle nokuyintuthuko okwenzekayo. Phakathi kwakho kubalwa ukuqiniswa komthetho ngezicucu okufanele babenazo abaqeqeshi abahlala ebhentshini emidlaweni yeCaf.
Kuningi i-Afcon ese-Ivory Coast, eyohlale ikhunjulwa ngakho. Kusukela ezinkundleni zokudlala ezinobukhazikhazi futhi ezintsha ceke, imiphumela eshaqisayo, nomengameli weCaf uMotsepe, ongagcinanga ngokukuphula intshontsho kwabazodla umhlanganiso ngoFebhuwari 11 kepha uyihambela cishe yonke imidlalo.
Osokhaya i-Ivory Coast, abaqale umqhudelwano noJean-Louis Gasset waseFrance, bazodlala kowe-quarter final neMali namuhla (ngoMgqibelo), e-Amadou Gon Coulibaly, eKorhogo, esiqeqeshwa ngu-Emerse Fae ongowokudabuka e-Ivory Coast.
Ngaphandle kosokhaya, i-Equatorial Guinea, Guniea-Bissau, Cape Verde, Mozambique, Cameroon, Guinea, Senegal, Algeria, Mauritania, Mali, Namibia, Tunisia, neMorocco bonke beze emqhudelwaneni beholwa abaqeqeshi abadabuka kuwona amazwe.
Kulesi sibalo kukhona neSenegal, ephekwa ngu-Alio Cisse, efike emqhudelwaneni ingompetha futhi ithwelwe ngeqoma, neMorocco kaWalid Regragui, enesithunzi ngenxa yezimanga ezigile ngesikhathi icoboshisa amazwe ahlonishwayo koweNdebe yoMhlaba, yaze yalala isine kuyona ngo-2022, eQatar.
Emazweni ayisishiyagalombili azokhiphana inkani kuma-quarter final, uhhafu wabaqeqeshi osele udabuka e-Europe, kuthi abanye abane bahola amazwe oyisemkhulu.
Emdlalweni weNigeria, ne-Angola, kuzobe kuhlangene oJose Peseiro noPedro Soares Congalves, bobabili abadabuka ePortugal.
Kolandelayo kuzonqwamana iDemocratic Republic of Congo (DRC) eholwa uSebastian Desabre waseFrance, neGuniea ephekwa nguKeba Diawara owayewumgadli weqembu lesizwe.
Emdlalweni wesithathu kuzobhekena iMali eholwa ongu-Eric Chelle odabuka khona ne-Ivory Coast, esishayelwa uFae kodwa umqhudelwano ibuwuqale noGasset emkhombe indlela maphakathi nawo.
IBafana Bafana, eholwa nguHugo Broos waseBelgium, izokhiphana inkani neCape Verde eqeqeshwa nguPedro Leitão Brito, owaziwa ngoBubista, wakhona kulesiya siqhingi esisentshonalanga ne-Afrika.