UNOZINTI weMaritzburg United uBongani Mpandle, ukushayela ihlombe ukuqashwa kukaRowen Fernandez njengomqeqeshi wonozinti kwiTeam of Choice.
Ngokusho kukaMpandle, bazimisele ukufunda lukhulu kulo nozinti onolwazi olujulile kwezokuvimba nathi kuzobasiza kakhulu bakhule ngesivinini bengonozinti kuleli qembu.
Ngeledlule, iTeam of Choice iqinisekise okwakubhalwe yileli phephandaba, imemezela ngokusemthethweni uFernandez njengomqeqeshi wonozinti. Leli qembu lethule noDelron Buckley njengephini lesibili lomqeqeshi, u-Eric Tinkler.
UMpandle uthe zishintshile izinto selokhu kufike uFernandez, wathi bafunda lukhulu kuyena. Omunye wonozinti abazoba ngaphansi kwesandla sikaFernandez, nguRichard Ofori.
“Kuyajabulisa kakhulu ukusebenza ngaphansi kukaFernandez. Ungumuntu onomoya omuhle, ongazikhukhumezi nakancane yize sekukuningi akuzuzile ebholeni elikhokhelayo. Okubalulekile manje ukuthatha konke asifundisa khona, sibambe ngokushesha. Okugqame kakhulu nokungichazayo mina siqu, yindlela asifundisa ngayo ukuphasela ozakwethu ibhola ukuze bahlasele ngokushesha. Lokho bengingakaze ngikufunde kodwa ngikutholile kuyena,” kusho uMpandle.
UFernandez uvimbele iSuperSport United, Kaizer Chiefs waphinde wadlala naphesheya eGermany. Umsebenzi wakhe wokugcina ubeqeqesha onozinti kwiHighlands Park esidayisiwe.
“Kubalulekile ukufunda ngokushesha. Ngaphandle nje kokuthi sifuna ukusizakala, sikhule njengonozinti, phela kuhle ukukubalula ukuthi nathi sinamaphupho. Ngakho ukwenza kahle kuzokwenza iqembu linqobe namaphupho ethu afezeke,” kuqhuba uMpandle.
Kulindeleke ukuthi ezinsukwini ezimbalwa ezizayo iTeam of Choice iqale ukwethula abadlali abasha ezobasayinisa. UTinkler usanda kusho ukuthi akazimisele ukulahlekelwa ngabadlali, kunalokho ufisa ukwandiswa kwabakhona ngenhloso yokwakha iqembu elizodlisela ogageni amanye ngesizini ezoqala kwiDStv Premiership.
Yize kunjalo, akucaci kahle ngonozinti waleli qembu u-Ofori, okuvela ukuthi usayine kwi-Orlando Pirates. Usihlalo weMaritzburg, uFarook Kadodia, uyakuphika lokhu.