XOLILE MPISANE
OWAYENGUMDLALI we-Orlando Pirates, uJoseph “Dukuduku” Makhanya, uthi leli qembu kufanele libuyise ukuzethemba ukuze isizini ingapheli lingenasicoco.
Ezimnyama zisendaweni yesibili kwiDStv Premiership kodwa zisele ngamaphuzu angu-17 kwiMamelodi Sundowns ezihola phambili.
Zinawo amanye amathuba okuphakamisa izindebe njengoba zisekhona kwiNedbank Cup neCaf Confederation Cup.
Zingene kwiLast 16 yeNedbank Cup ngokuguqisa AmaZulu kanti seziqoqe amaphuzu amathathu emidlalweni emibili yamaqoqo kwiCaf Confederation Cup.
Zinqobe umdlalo wokuqala kuGroup B zidla iJS Saoura ngo 2-0 ngaphambi kokudliwa yi-Al Ittihad ngo 3-2 eLibya ngempelasonto edlule.
“Kumele balungise indlela abazihlela ngayo ukuze bayeke ukudedela amagoli angenasidingo futhi bakhe amathuba amaningi uma behlasela,” kusho uMakhanya.
“IPirates inabadlali abaningi abaseqophelweni eliphezulu kodwa izimoshela yona kwesinye isikhathi. Kumele isebenzise abadlali bayo abanomjiko njengoThembinkosi Lorch ezindaweni lapho bezokhululeka kuzona.
"Badinga ukuhlasela ezinhlangothini zombili bayivule kahle inkundla. Kwesokunxele banoDeon Hotto owakha amagoli aphinde awavalele enethini kodwa abanaye umdlali ofanayo ngakwesokudla.
"Kuhle ukuthi uShandu ushaya amagoli eqhamuka emuva kodwa nabanye abadlali kumele badlale indima yabo. IPirates iyiqembu elikhulu futhi silindele ukuthi idlale ngokuzethemba, ihlasele ngazo zonke izindlela.
UMakhanya ukholwa wukuthi Amabhakabhaka angasinciphisa isibalo samagoli awangenisayo uma engalungisa indlela azihlela ngayo uma ehlasela.
"Ebholeni lesimanje usuke usengozini uma uphethe ibhola ungazi ukuthi kumele ulisebenzise kanjani ngoba izitha ziyakwazi ukukuphuca bese zigadla ngokushesha.
“Unozinti nezitobha kumele bathuthuke kodwa akubona bodwa okumele basolwe ngamagoli angenile. Izinkinga ziqala uma ibhola lilahleka phambili noma phakathi kwenkundla.
"Kudingeka bazihlele kahle ukuze basheshe bavale izitha uma belahlekelwa yibhola. Lezo yizinto okumele bazilungise besazilolonga ukuze abadlali bafike enkundleni sebekwazi okumele bakwenze."
Omunye wabaqeqeshi bePirates uMandla Ncikazi ukhale ngobunzima bokubhidliza udonga lwasemuva lwe-Al Ittihad nangendlela leli qembu ebelibazuma ngayo ngesivinini uma lihlasela.
Nokho, uMakhanya uthe kungumsebenzi walo mqeqeshi nozakwabo uFadlu Davids ukuthi baxazulule lezi zinkinga.
“Uma uqeqesha iqembu elifana ne-Orlando Pirates uyazi ukuthi yini elindelekile futhi uyabazi ubunzima obhekana nabo. Bobabili laba baqeqeshi bake bayibamba kwamanye amaqembu phambilini futhi bazi kamhlophe ukuthi bebedlala kanjani nePirates,” usho kanje.
“Abakwazi ukulokhu bekhala ngento eyodwa ekubeni bazi ukuthi iningi lamaqembu lizohlala emuva uma libhekene neqembu elisezingeni labo. Benzani ngalokho?
“Abaqeqeshi abasezingeni eliphezulu bathola izixazululo uma bebhekene nezinkinga. Akusizi ukukhala ngamaqembu apaka ibhasi ngoba akuyona into entsha.
“Angiqhathanisi kodwa siwabonile amaqembu afana neBarcelona, Manchester City, neMamelodi Sundowns ethola izixazululo ezihlukene zokuvula kuvaliwe.
“UNcikazi noDavids kumele benze okufanayo ngoba banabo abadlali abanomjiko oyingozi noma izikhala zingekho, abangabasiza uma kuvalwe ngodonga. Kumele banikwe ithuba lokwenza lokhu futhi bangadlaliswa ezindaweni lapho bezocwila khona.
“Uma bengenza lokho angingabazi ukuthi banethuba lokufinyelela kude kwiNedbank Cup, yize kungelula ukuyinqoba. Bangafika kude nakwiConfederation Cup ngoba kunamaqembu amakhulu angekho kulo nyaka."
AmaBhakabhaka asezobhekana neRoyal Leopards koweCaf Confederation Cup ngeSonto.
Umdlalo uzoba seMbombela Stadium eNelspruit ngo-6 ntambama njengoba ingekho inkundla elungele ukusingatha lo mdlalo eSwatini.
IPirates, Al Ittihad neJS Saoura bonke banamaphuzu amathathu kuGroup B kanti iLeopards isemsileni ngeqanda.