ZAKHELE XABA
IMENENJA yomdlali waMaZulu, uSiyethemba Sithebe, ayiboni kuzomphazamisa lo mdlali ukugqunywa ebhentshini kuze kuphele isizini.
USihlangu Sithebe, ongumalume kaSiyethemba, uvumile ukuthi lo mdlali usesayine inkontileka yesibambiso neKaizer Chiefs futhi ifuna ayijoyine kule nyanga.
Ezinsukwini ezedlule umengameli woSuthu, uSandile Zungu, uzwakalise ukungenami ngendlela iChiefs elusingathe ngayo udaba lukaSiyethemba, wathi imeshele lingakavulwa iwindi lokusayina kwabadlali okuyinto ephambene nomthetho wenhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa.
UZungu ucashunwe ethi uSiyethemba ngeke esaligqoka ijezi laMaZulu kule sizini phezu kokuba esasalelwe yizinyanga eziyisithupha enkontilekeni yakhe naleli qembu ezophela ngoJuni.
"Angicabangi ukuthi abaqeqeshi baMaZulu bazowulandela umyalelo kamengameli weqembu wokuthi bengabe besamdlalisa uSiyethemba ngoba bayamdinga futhi iqembu liyamkhokhela. Ngaphandle-ke uma sebefuna ukukhohlwa yiCaf Champions League ngoba benza kahle kuyona," kusho uSithebe.
"Uma kwenzeka bengamdlalisi ngeke kumphazamise. Lokhu kwenzekile kwiMbombela, wahlala izinyanga eziyisithupha engadlali elimele kodwa wafika kuMaZulu washaya into ecokeme. Nakuba engayidlalanga imidlalo yokuqala yesizini ngenxa yezinkinga ngencwadi emkhululayo kodwa wangena wazibonakalisa. Ngesizini yakhe yokuqala udlale cishe imidlalo engu-23. USiyethemba uwasebenzele AmaZulu. Uzinikele kakhulu. Ubizwe eqenjini lesizwe ekuwona AmaZulu futhi wawina nendebe (Cosafa Cup) esoSuthwini. Uwafakile AmaZulu emlandweni," kusho umalume walo mdlali.
AmaZulu kuvele ukuthi azamile ukumnika inkontileka entsha uSiyethemba futhi eneholo elingcono kodwa wanqaba ukuhlala kuleli qembu alijoyine ngo-2017 esuka kwiMbombela United yaseMpumalanga.
Kuvele ukuthi iChiefs izame ukunika AmaZulu abadlali ababili abazoba yingxenye yesivumelwano sokudayiselana uSithebe. Nokho AmaZulu enqabile, azozifunela umdlali ozovala isikhala sikaSiyethemba.