UVICTOR Hlungwani, owayengunompempe kwiPremier Soccer League (PSL), uyakuchitha ukuthi uyayizonda iKaizer Chiefs osekusabalele ukuthi uyayicindezela uma ehlaziya izinqumo zonompempe.
UHlungwani, osewathatha umhlalaphansi ekudlaliseni ngaphansi kweSouth African Football Association (Safa) neFifa, usengumhlaziyi ohlelweni lwezemidlalo oludlala kwithelevishini, iSoccer Zone, njalo ngoMsombulo ebusuku. Kulesi sonto uphenduke isitha sabalandeli baMakhosi ngokuvuna uLuxolo Badi ongabekanga iphenathi ngesikhathi iqembu labo libhekene neStellenbosch emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto edlule.
Kulesi sigameko umdlali wasemuva weStellies, u-Athenkosi Mcaba, uvimbe uGlody Lilepo ebhokisini. Ngokubona kwabanye abalandeli beChiefs, uBadi bekufanele ayikhombe emlotheni. Bavunyelwe ngowayengunompempe, u-Ace Ncobo, ohlelweni lwezemidlalo kwiSuperSport, i-Extra Time, ngoMsombuluko. UNcobo uthe ukuvinjwa ngezandla kukaLilepo nguMcaba bekucacile futhi bekufanele lesi sitobha sijeziswe ngokuthi iChiefs inikwe iphenathi. Amakhosi awine ngo 1-0 wegoli likaLilepo alishaye ngekhanda umdlalo usanda kuqala.
“Ngiyabona abantu abaningi bathi ngiyayizonda iChiefs. Anginaso isizathu sokwenza lokho. Ngiyezwana nabantu beChiefs. Uma ngiyizonda iChiefs kungani ngabeka iphenathi ngo-2021 idlala ne-Orlando Pirates ngesikhathi u-Olisa Ndah ebamba uKhama Billiat ebhokisini ngomzuzu wokugcina? Uma ngiyizonda iChiefs kungani ngayilwela ngesikhathi umqeqeshi weStellenbosh, uSteve Barker, ethi iwina ngamaphenathi futhi iqembu elidlala nayo lihlala lithola amakhadi abomvu? Saveza zonke izinqumo ayekhuluma ngazo sizama ukukhombisa ukuthi amaphenathi ewatholayo asuke eyifanele,” kusho uHlungwani owaqokwa njengePSL Referee of The Season ngo-2011.
“Iningi labantu abakhalayo ngento engiyishilo abayazi imithetho yokudlalisa. Omunye uthe ngamiswa kawu-28 ngesikhathi ngisadlalisa okuyinto engelona iqiniso. Mina ngamiswa kanye emuva kokudlalisa umdlalo owawuphakathi kwePolokwane City neMaritzburg United. Emuva kohlelo ngifonelwe nguDaniel Bennett (owayengunompempe) wavumelana nami. Ngisho u-Errol Sweeney (owayengunompempe) uvumelene nami. Ngokwami, umdlali weChiefs ubelindele ukuthintwa bese elala phansi.”
Ngokusho kukaHlungwani, isigungu esiphethe onompempe seSafa sizocubungula isinqumo sikaBadi, sisho ukuthi besifanele yini.
“Asiqali ukungavumelani no-Ace ngokwezinqumo. Kodwa ezikhathini eziningi siyavumelana. Uma bethi ngishaye eceleni, ngizokwamukela ngixolise. Ukugxekwa angikuzondi ngoba kuyangakha,” kusho uHlungwani.