Akanalo uvalo lokuxoshwa kwiChippa United umqeqeshi omusha, uThabo September, ozopheka leli qembu ngokubambisana noKwanele Kopo.
NgoLwesibili, iChilli Boys imemezele ukuthi isigudluze umqeqeshi uMorgan Mammila esikhundleni sokuqeqesha, yamenyusela kwesokuba yiTechnical Director.
UMammila ugudluzwe kusaphele amasonto ambalwa iChippa ishiywe nguVusumuzi Vilakazi osengumqeqeshi weRichards Bay FC. USeptember ubeqeqesha isikimu se-DStv Diski Challenge seSuperSport United ayengumdlali wayo emiyakeni edlule. Uwine iligi yeDiski ngesizini edlule.
UKopo ugcine ukuqeqesha kwiPretoria Callies, ayishiye ngoNovemba nyakenye. Laba baqeqeshi bajoyine iqembu likaSiviwe “Chippa” Mpengesi owaziwa ngokushintsha abaqeqeshi ebholeni laseMzansi.
“Yinselelo engiyamukelayo ukuya kwiChippa. Kuyingxenye yokukhula kwami. Selokhu kuvelile ukuthi ngiyoqeqesha iChippa, abantu bayangifonela bangibuza ukuthi angesabi yini ukuthi ngizoxoshwa ngokushesha.
Uma ngesaba, lokho kusho ukuthi ngeke ngikhule empilweni. Sizokwenza konke okusemandleni ukuze siphumelele kwiChippa. Kumnandi uma abantu abaningi bengakholelwa kuwena ngoba wuthola ithuba lokubajabhisa.
Benginethezeke kakhulu (kuSuperSport), uma kunjalo awukhuli,” kusho uSeptember.
Ngaphansi kukaSeptember, aMatsatsantsa a Pitori, akhiqize inqwaba yabadlali abasezingeni eliphezulu, okukhona kubona uThapelo Maseko weMamelodi Sundowns osesikwatini seBafana Bafana esiya kwi-Africa Cup of Nations, Shandre Campbell ongcwabe i-Orlando Pirates emasontweni adlule no-Ime Okon ofunwa ngamaqembu aphesheya kwezilwandle.
USeptember noKopo bahlalelwe wumsebenzi wokuhlanganisa indlela yokudlala ezoletha imiphumela ezogculisa uMpengesi. Babekelwe umbandela wokugcina iqembu kwiPremiership nokuvumbulula abadlali abanekhono base-Eastern Cape.
IChilli Boys kuvalwe unyaka isendaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-18 emuva kwemidlalo engu-16.
“Baningi abadlali abanekhono e-Eastern Cape. Uma uthungatha kahle, uyabathola. Uma ubheka eqenjini manje, abekho abadlali base-Eastern Cape.
Leli yithuba elihle lokusebenza nenkulisa, sithole abadlali abanekhono, siphendule iChippa elinye lamaqembu amakhulu. Mayelana nendlela yokudlala, sizobheka sinoKopo uhlobo lwabadlali esizolufica ngaphambi kokuthatha isinqumo,” kusho uSeptember.
IChippa izovula ngoMsombuluko isiyoqala amalungiselo esigaba sesibili sesizini yePremiership, ezoqhubeka ngemuva kwe-Afcon. Emdlalweni wokuqala wePremiership ka-2024, izogadulisana ne-Orlando Pirates ngoFebhuwari 14 e-Orlando Stadium, eSoweto.