AZICIJELA ukunyukela ezingeni lomhlaba AmaZulu FC kanti ngoLwesibili emini abe yiqembu lokuqala eNingizimu Afrika, ukwethula isitolo esidayisa imifaniswano yeqembu siphinde sibanike okungabizwa ngomuzwa wokudlala eMoses Mabhida Stadium, okuwumdlalo wevidiyo (simulator).
Izinhloso zokwenyukela ezingeni lomhlaba zicacele uwonkewonke obehambele umcimbi obusendaweni yezitolo eziqaqele iMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Kanti iphinde yaqinisekiswa yisikhulu esiphezulu seqembu, uSinenjabulo Zungu.
“Ukukhuluma iqiniso, ekukhuleni bengingesiye umuntu webhola kakhulu kodwa ngenxa yokuthi sengihambele amazwe amaningi, ngikwazile ukucosha amasu ezindaweni engizihambele njengesitolo seFC Barcelona (siseNou Camp, enkundleni yalezi zikhondlakhondla zaseSpain) nengicabanga ukuthi yiso esikhulukazi,” kusho uSinenjabulo.
“Nami ngithe uma sengicabanga ngalesi sitolo, kwabuya ukuthi ‘hhayi maan! Isitolo sezimpahla nje sisodwa, asanele. Asihluke ngalutho.
“Kwangifikela ukuthi ‘yini singenzi into ezosenza sinyukele ezingeni lamanye amazwe aziwayo emhlabeni?’. Kungenzeka ukuthi okwamanje iqembu alikafiki ezingeni lomhlaba kodwa igama asizame ukulikhuphulela ezingeni lomhlaba,” kuchaza uSinenjabulo, ngezinhloso zesitolo soSuthu.
@AmaZuluFootball Fan experience #AmaZuluFanExperience @IsolezweNews @IOLsport pic.twitter.com/fs0EWnkeX6
— Malibongwe Mdletshe (@Malbingo) September 6, 2022
Inkulumo kaVusi Mazibuko, oyimenenja yeMoses Mabhida Stadium, ifakazele ukuthi akusiyo nje into esuka ekhanda likaSinenjabulo le kodwa idingidwe kabanzi.
“EMoses Mabhida Stadium, sikhuluma ngenkundla eyayakhelwe khona kanye ukuthi ijabulise abantu ngezinto ezahlukene, hhayi nje ngokuzobuka ibhola. Uyabona kunenqwaba yezitolo eziqaqele inkundla ezingaphandle,” kusho uMazibuko.
“Okusijabulisa kakhulu ngesitolo saMaZulu wukuthi sinyusele iqembu nenkundla ezingeni lomhlaba. Sihlale sibabona abantu begqoke amajezi amaqembu aphesheya abangawalandeli kodwa bawadlubhele egameni lokuthi bawathenga ngqo esitolo salelo qembu noma kulelo dolobha ababelihambele okuzinze khona iqembu. Yilokho esilindele ukukubona ngalo mnyakazo ongowokuqala uma ngicabanga eNingizimu Afrika.”
Kulesi sitolo kukhona nendawo yokuphunga ikhofu, eyophuzo oludakayo, osofa bokuzipholela namagumbi amathathu kanokusho abhukhwayo nokungabanjelwa kuwo izingxoxo eziyinguyazana noma labo abafuna ukuzihlalela ngabodwana.
AmaZulu abesevele ebalwa neKaizer Chiefs emaqenjini anezitolo ezidayisa imifaniswano yawo nge-internet.