AMAZULU azoyithumela ngomqeqeshi, u-Arthur Zwane, iKaizer Chiefs ukuthi aqhamuka namaqhinga okuyinqoba njengoba bezobhekana nayo kusasa emdlalweni weBetyway Premiership kusasa.
Usuthu luqoqe amaphuzu amathathu ngemuva kokwehlula iSuperSport United ngo 2-1 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku. Luvuka ngeSuperSport nje, beluphuma esibhaxwini sika 5-0 olusithole kwiStellenbosch FC koweligi phambi kwabalandeli balo eMlaza. Nokho ngaphambi kokugadulisana naMatsatsantsa, lubhodlele kwiMighty Eagles oluyixebule ngo 5-1 koweNedbank Cup maphakathi nesonto eledlule.
Kusasa, AmaZulu azovakashela iChiefs koweligi eFNB Stadium, eNasrec, ngo-7.30 ebusuku. Amakhosi asazikhotha amanxeba kulandela ukwehlula yizimbangi zawo, i-Orlando Pirates, ngo 1-0 ngoMgqibelo.
UVusumuzi Vilakazi obambisene noZwane ekuqeqesheni Usuthu, uveze ukuthi lo mqeqeshi uyena abazombeka phambili njengoba belungiselela iChiefs asuka kuyona. UZwane ufulathele Amakhosi esevele eqalile ukusebenza nomqeqeshi uNasreddine Nabi nakuba ebegxile kakhulu enkulisa.
“Kuyiqiniso ukuthi uyayazi iKaizer Chiefs, ngaphandle nangaphakathi. Yebo, banomqeqeshi omusha manje kodwa ubuthaka nalapho imandla khona uyakwazi. Ngakho sizothembela kuyena, sizame ukumeseka lapho nalapho njengoba kwenzekile namhlanje (koweSuperSport). Yimina engimazi kakhulu uGavin (Hunt), ngakho unginike ithuba lokuthi ngibhekane naye,” kusho uVilakazi.
Amakhosi azobhekana noSuthu efuna ukukhipha isibhongo kwazise akholwa wukuthi bekuwafanele ukuwina kowePirates ngenxa yebhola alidlalile. Asekhale ngaphansi emidlalweni eyisithupha kwengu-15 yeligi ayidlalile ngaphansi kukaNabi kule sizini.
“Kufanele sikwenze kusisebenzele ukuthi baphuma endukwini. Indlela yokubuya uma ukade uhluliwe ayilula, ngakho siya ngokuzethemba. Siphuma emdlalweni obunzima kodwa siwinile futhi siyakholwa ukuthi uma singadlala ngokukhululeka, sizokwenza izimanga. Ngicabanga ukuthi kuzosikhuthaza kakhulu ngisho ngokomqondo ukuthi kade behluliwe. Asisebenzise ithuba njengoba besazama ukulungisa izinto zabo,” usho kanje.
Ngokushaya iSuperSport, AmaZulu anyukele endaweni yesishiyagalolunye kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-19 emuva kwemidlalo engu-15.