AMAHLONI okungena emabhukwini omlando omubi kweKaizer Chiefs kwiPremier Soccer League (PSL) enza ibamba lomqeqeshi, uCavin Johnson, lingabe lisakwazi ukulinda ithuba lokulungisa amaphutha nge-TS Galaxy kwiDStv Premiership kusasa ngo-7.30 ebusuku e-FNB Stadium, eSoweto.
Ukunenebulwa iMamelodi Sundowns ngo 5-1 kwaleli qembu laseNaturena ngeledlule bekungakugcini ngokumfimfisa amathuba alo okuqeda isizini libalwa nazodlala kwiMTN 8 ngesizini ezayo kepha bekuqala ukuthi lingenelwe amagoli amahlanu lishaywa emdlalweni weligi kusukela kwaqala i-PSL ngo-1996.
Kufanele ukuba kuzwele kakhulu kubalandeli beChiefs ukuthi iSundowns ibaxebulela ekhaya nje, isonga ngabo isicoco sayo seligi sesikhombisa kulandelana.
Kuyamudla uJohnson ukuthi iqembu elikhulu njengeChiefs sekuphele iminyaka ecela kwengu-10 lingafake lutho ekhabetheni lezinkomishi.
Nakuba kunjalo kodwa uyakholelwa ekutheni ukuqeda kwi-Top 8 kungaba umthobanhliziyo kubalandeli kuphinde kuvule nethuba lenkomishi ekuqaleni kwesizini ezayo.
“Sibhekene nesimo esinzima lapho sesiphoqelekile khona ukuyinqoba yonke imidlalo esisalele kule sizini ukuze nabalandeli babe nethemba lokuthi kukhona ebesizama ukukwenza,” kusho uJohnson esithangamini nabezindaba.
“Indlela esishaywe ngayo iSundowns ibanga amahloni kithina abaqeqeshi, abadlali nabaphathi beqembu abahlale bezama ngakho konke okusemandleni abo ukuseseka.
“Angifuni nokuyicabanga eyabalandeli engaziyo ukuthi bafanelwe okungcono. Akekho ongazi ukuthi yini efanele abalandeli beChiefs futhi sesiside isikhathi belindile.
“Ngiyaphinda ngiyasho futhi ukuthi ngaphansi kwesandla sami kuningi okungcono engikubonayo eqenjini ngakho-ke asingabazi ukuthi sekuseduze phambili,” kuqhuba yena.
Kule midlalo emine esalele iChiefs, uJohnson uthembisa ukuhlanganisa isikimu esizoqinisekisa amaphuzu amathathu kuyona yonke.
“Sisalelwe imidlalo emine okufanele sihlanganise kuyona isikimu esiqinile ukuze siwaqoqe kuyona yomine amaphuzu agcwele. Abadlali bakhona futhi bayimiqemane, okusele ukuthi thina sibabophele ngendlela eqondile.
“Isiphoxile indlela esishaywe ngayo kodwa sizoyilungisa noma kanjani ngokuthi sithathe amaphuzu agcwele emdlalweni wethu olandelayo.
“Siphoqelekile ukuqeda kwi-Top 8 ngoba lokhu ngeke kugcine ngokuthoba amanxeba abalandeli kepha kuzovula nophawini wokuwina i-MTN 8 ngasekuqaleni kwesizini ezayo,” kuphetha uJohnson.