Kaizer Chiefs (0) 0
Cae Town City (0) 1
I-CAPE Town City inyomfe izinhlelo zeKaizer Chiefs zokunombela ihlale endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngesikhathi iyishayela ekhaya ngoLwesibili ebusuku, e-FNB Stadium.
Kulindwe kwaze kwaba isiwombe sesibili ukuthi, uKhanyisa Mayo, avule inkundla ngegoli okube ilona lodwa lomdlalo.
Ize yaphela imizuzu yokuqala engu-30 kungacaci ukuthi ilona liphi iqembu elizimisele ngokucacisa ngezifiso zalo kwazise bebezipholele, onozinti babo womabili amaqembu, uDarren Keet no-Itumeleng Khune.
UKhune noNjabulo Ngcobo, ibona abadlali abangalijwayele ijezi kwiChiefs abaqale lo mdlalo ezindaweni zoBrendon Petersen noGiven Msimango, ngokwahlukana.
Crisps that have 3️⃣ points 🍟![CDATA[]]>💙 pic.twitter.com/2Ug7eqNvng
— Cape Town City FC (@CapeTownCityFC) October 3, 2023
Ngaphandle kokuligcina kuyona ibhola iChiefs ibingeyona ingozi kwazise ayikho iminyakazo ethusayo ebiqhamuka nayo.
Ngalesi sikhathi izivakashi bekusobala ukuthi zithembele ejubaneni likaMayo noThabiso Kutumela kodwa nabo laba bagadli bebengalitholi ibhola kwazise belihleli kwiChiefs isikhathi esiningi.
UKhune obedlalela iChiefs okwehlandla lika-365 kuyona yonke imiqhudelwano, uze wasebenza okokuqala ngomzuzu ka-37, nakhona evimba kalula ishodi likaThabo Nodada, obezama ekude.
Size saphela isiwombe sokuqala kungekho mathuba acacile ngaphandle kwalawo abengatheni awele kuwona womabili amaqembu.
Nakwesesibili isiwombe bekubukeka sengathi kusazoqhubeka umkhuba wakwesokuqala kodwa, uDarwin Gonzalez, obesanda kungena ugobele uMayo olingqofele enethini ngomzuzu ka-58.
UMolefi Ntseki opheka iChiefs, uphendule ngokukhipha uChristian Saile noPule Mmodi wafaka uKeagan Dolly, ogcine ukubonakala ngo-Ephreli, noRanga Chivaviro, ezindaweni zabo.
Nakuba bese kungene igoli kulo mdlalo kodwa awuzange uvuke njengoba bekulindelekile kepha uqhubeke ngonyawo lonwabu obuhamba ngalo esiwombeni sokuqala.
Ngaphandle kwenqwaba yamakhona abelokhu ezame njalo ngawo uNgcobo, iChiefs igcine ihlulekile ukuwisa udonga lwasemuva lwamaCitizens.