IQEMBU lesizwe labesilisa lombhoxo nokaputeni walo, uSiya Kolisi, bangase bahlabane nemiklomelo kumaLaureus Sports Awards kulandela ukuqokwa kwabo eminxeni ephezulu.
AmaBhokobhoko aqokwe emunxeni weLaureus World Team of the Year. Aseke ayithatha kabili le ndondo ngesikhathi enqobe iNdebe yoMhlaba ngo-2007 nango-2019.
Kulokhu azoyibanga neqembu labesilisa leManchester City, iqembu lesizwe labesifazane lebhola laseSpain, elegalofu lase-Europe leRyder Cup, ele-Formula 1 i-Oracle Red Bull Racing Formula 1, neqembu lesizwe le-basketball laseGermany.
UKolisi, owalimala kabucayi edolweni ngo-Ephreli nyakenye kodwa washeshe wabuya wakwazi ukuhola amaBhokobhoko ngesikhathi evikela iNdebe yoMhlaba ngo-Okthoba, uqokwe emunxeni weLaureus World Comeback of the Year.
“AmaBhokobhoko afanelwe ukuhlonishwa ngenxa yokunqoba kwawo eFrance nyakenye. Ubuqhawe bawo ngaphakathi nangaphandle kwenkundla bebumangalisa, ikakhulukazi uma sibheka uhambo olunzima aluhambile,” kusho isikhulu esiphezulu seSA Rugby, uMark Alexander.
“Ukusebenza kanzima kukaSiya nokuzimisela kwakhe ukuthi alulame ukuze adlale eNdebeni yoMhlaba bekuyisimangaliso. Iqhawe kuphela elingenza into ekhethekile kangaka. Okwenze lolo hambo lube yisimanga kakhulu ukumbona ephakamisa indebe okwesibili kulandelana.
“Siyaziqhenya kakhulu ngamaBhokobhoko noSiya futhi sibafisela inhlanhla.”
Imiklomelo yeLaureus eyokuhlonipha abasebenzisa ezemidlalo ukukhuthaza nokushintsha izimpilo zabantu emhlabeni jikelele. Umcimbi wokuklomelisa abazonqoba kulo nyaka uzobanjelwa eMadrid, eSpain, ngo-Ephreli.