AKAKUBONI kumphendule isahluleki uRichard Ofori ukuphenduka ukudla kwebhentshi kwi-Orlando Pirates ngesizini edlule. Lo nozinti waseGhana usanda kujoyina AmaZulu.
Ukwabachithwe eZimnyama ngasekupheleni kwesizini edlule. Wayefike kuzo kweka-2021/22 ephuma kwiMaritzburg United. Kumasizini amabili okuqala wafike waqhwaga izinti. Izinto ziqale ukutsheka kweka-2023/24, evimba kwemithathu kuphela, yokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eChampions League.
Umqeqeshi uJose Riveiro ubevimbisa uSipho Chaine okusakhonya yena.
Ebuzwa ukuthi ubezizwa kanjani ngesikhathi ekhuhla ibhentshi kwiPirates, uthe ubengaphathekile kabi.
"Kuyimpilo yasebholeni ukuthi ungalitholi ithuba lokudlala. Ngenhlanhla singabadlali siyakuqonda lokhu. Kumele usamukele isimo osuke ubhekene naso ngaleso sikhathi. Ukungavimbi kwiPirates bekungangenzi unozinti omubi. Esikhathini esiningi uma uke walimala kuba nzima ukusheshe ubuyele endaweni obukuyo. Kuba nzima kakhulu uma umuntu obanga naye ijezi ewenza ngendlela umsebenzi. Nakubaqeqeshi kuba nzima ukukubuyisela. Bengingaqali ukwehlelwa ilesi simo," kubeka u-Ofori.
Uveze ukuthi akazange angabaze ngesikhathi ethintwa uSuthu.
Ijezi ulibanga noVeli Mothwa, Andile Mbanjwa no-Olwethu Mzimela obekuvimbe yena emidlalweni emibili yeligi edlule.
"Ngenhlanhla ngike ngadlala kwiMaritzburg kumasizini edlule. EThekwini kufana nasekhaya, bekuthi uma sisekhefini kwiPirates ngivakashele khona. Kuyimpilo yasebholeni vele ukushintsha izindawo zokuhlala. Ngajabula kakhulu ngithola ucingo lwaMaZulu. Bengazi ukuthi lizoqhamuka elinye ithuba. Nginethemba lokuthi ngizobuyela emgqigqweni wami kuleli qembu."
Uqhube wathi: "Angijoyinanga AmaZulu ngoba ngizokwandisa isibalo noma ngibona ukuthi ozakwethu abawenzi kahle umsebenzi. Sonke silapha ukuzofukulana nokuyisa phambili iqembu. Siwumndeni.“