UGEZEKE ubebebe umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Martin, ngokwenziwe abadlali bakhe ngokuyibamba ishisa phezu kokuba imiqondo yabo ihlukumezekile ngenxa yokudlula emhlabeni kukazakwabo, uBongi Ntuli.
Kunzima kunjalo, Usuthu lubhaxabule ngo 3-1 omkhaya balo, iLamontville Golden Arrows kobuseMpumalanga Stadium ngempelasonto.
Abafana Bes'thende yibo abaqale babona imbobo yepali ngegoli elishaywe uGladwin Shitolo ngomzuzu ka-17.
Nokho ukuhluleka ukugxilisa imiqondo yabo ngokuphelele emdlalweni kubaqhathe nomgadli woSuthu, u-Augastine Kwemu waseNigeria oshayele amagoli amathathu. Uwanamathisele enethini sekusele imizuzu eyishumi kuphele umdlalo.
Ngemuva komdlalo, uMartin odabuka eSpain, ukhale ngokuthi babe nesonto ebelibukhuni ngendlela eyisimanga ngenxa yokushona kukaNtuli ofihlwe ngoLwesine olwedlule. Bekuwumdlalo wesibili kulandelana uSuthu lubhaxabuka i-Arrows. Ekuqaleni kwale nyanga luyiwashise ijezi ngo 3-0, kuma-qaurterfinal, eCarling Black Label Knockout.
"Ngilincoma kakhulu leli qembu lami. Lakhiwe ngabadlali abanobuntu nesibindi esisabekayo. Ukukhuluma iqiniso, akukho okutheni engikushilo kubo ngaphambi komdlalo we-Arrows ebinzima ngendlela eyisimanga.
“Beze emdlalweni ngokuthanda kwabo, bazi ukuthi kumele balwele isithunzi sabo neseqembu. Abanye babo bangene enkundleni ngibona ukuthi isimo somqondo asikho sihle. Ngiyaphinda, leli qembu lakhiwe ngamasosha akwazi ukuyibamba ishisa. Umdlalo we-Arrows bewunzima kodwa bakwazi ukubuya ngamandla. Angazi ukuthi kwake kwenzeka yini ukuthi eminyakeni edlule AmaZulu ashaye i-Arrows kulandelana?" kubuza uMartin ngomoya ophansi.
USuthu lunqobe lwase lwenyukela kweyesishiyagalombili, ngamaphuzu awu-15, emidlalweni ewu-11. Ngempelasonto edlule, belunqoba umdlalo wesithathu weDStvPremiership.
Ngenxa yekhefu le Fifa, olandelayo luzoze luwudlale neStellenbosch, ngoNovemba 25, eMoses Mabhida Stadium.
UMartin uveze ukuthi bazothatha ikhefu lezinsuku ezimbili bese kubuyelwa ensimini.
"Hahaha, ngizwa abadlali sebecela ikhefu lezinsuku ezintathu. Isikhathi asinaso, kuningi okumele sikulungise. Ngakubeka kwacaca ngesikhathi ngifika kuleli ukuthi ngizele ukuzokwenza umehluko kuleli qembu.
"Mhlawumbe leli khefu lifike ngesikhathi esihle njengoba sisanda kwehlelwa yilo mshophi. Abadlali bami ngeke bagqilazeke emiqondweni ngenxa yokuxinwa yimidlalo. Sizobe sisodwa ejimini," kusho uMartin.