INHLOKO yabaqeqeshi kwiKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, incamela izinhlungu zokuqala ngomphumela ophoxayo kunokukhuphula amathemba abalandeli ngemidlalo yokungcweka bese kuthomba okhiye uma sekuqala eyeBetway Premiership.
UNabi ukusho lokhu esithangamini nabezindaba kulandela isibhaxu sika 4-0 asithole kwiYoung Africans SC kwiToyota Cup ngeSonto eFree State Stadium.
Isasasa lokubona okokuqala iqembu likaNabi kubalandeli beChiefs liphenduke ibohlololo ngesikhathi kubacacela ukuthi kungani iqembu labo liqede kunombolo-10 kwi-log ngesizini edlule.
Nakuba iChiefs iye kulo mdlalo ingakasayinisi abadlali abatheni kodwa bekunomuzwa wethemba kubalandeli bayo abebephume ngobuningi babo bezozibonela isandla somqeqeshi omusha namaqhinga eza nawo.
Ngaphandle komphumela omubi, okuhlale obala ngeChiefs kulo mdlalo ukuthi iyashoda ngabadlali beqophelo elidingekayo ukuphazamisa iMamelodi Sundowns ekhonyayo eMzansi.
Kungenxa yalokhu uNabi ubelokhu ekuveze njalo kwabezindaba ukuthi umatasa nokuhlanganisa inqanawe yeqembu.
Lo mqeqeshi waseTunisia angakwenza lokhu ngokungena agxile emakethe yabadlali njengoba iwindi lokuhwebelana lisavuliwe.
Kuyathembisa nokho ngoba isikhulu esiphezulu seChiefs, uKaizer Motaung Jnr, sisanda kumemezela ukuthi bebelinde uNabi ukuba azikhombele abadlali abafunayo uma bekhona.
“Okwamanje angikwazi ukubalula izindawo engibona ukuthi kufanele ziqiniswe kodwa isithembiso sami kuMakhosi ukuthi sizobumba inqanawe yeqembu,” kusho uNabi kwabezindaba ngemuva komdlalo weYanga.
“Ngiyazi ukuthi lo mphumela awumuhle ikakhulukazi njengoba besisekhaya kodwa ingcono leyo minjunju kunokwakha isithombe sokuthi yonke into iqondile ngemidlalo yobungani bese kuba okunye uma sekuqala eyamaphuzu.
“Ngiwumqeqeshi okholelwa ekuwineni ngaso sonke isikhathi kodwa kulokhu angiphathekile kabi ngoba ngiyayiqonda into eyenzekayo.
“Angifuni ukwakha isithombe sokuthi iqembu lisezingeni elifanele ekubeni ngazi kahle ukuthi lokho akulona iqiniso.
“Kuzosiza ngani ukuvutha kweyokungcweka bese kuthomba okhiye uma sekuqala eyeligi lapho kuzobe sekudingeka khona amaphuzu? Sifundile kulo mdlalo. Okunye sizokwenza ngenxa yesikubone kuwona,” kuphetha uNabi.
Amakhosi azohlala kuze kube imaphakathi noSepthemba elinde ukuqala kweligi kwazise awekho kweyeCaf kanjalo nakwiMTN 8 eqala ngoLwesihlanu.