UMPHATHI wonompempe kwiSouth African Football Association (Safa), u-Abdul Ebraham, ululeka abaqeqeshi bamaqembu eDStv Premiership ukuthi beze phambili nobufakazi obuphathekayo uma benuka okuthile ngezinqumo zonondweba.
Sikhulu isikhalo kwabanye abaqeqeshi ngezinqumo zonondweba emidlalweni yakamuva.
NgoMsombuluko umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, usole kakhulu unondweba, uJelly Chavani, obebadlalisa, bebambana ngo-2-2 neMoroka Swallows koweDStv Premiership
AmaBrazilians aqale ahamba phambili ngo-2-0 kulo mdlalo.
Ngoka-57, u-Augastine Mahlonoko ushayele iSwallows elokuqala. Elokulinganisa lanamathiselwe enethini uGabadinho Mhango.
Okudine kakhulu uMokwena ukuthi uChavani uqale waliphika elesibili, ezeseka ngokuthi uMhango ubemi emhlabeni ongafanele. Ngemuva kwalokho ubonakale ekhuluma ebeke isandla endlebeni okomuntu olalele okuthile ebuxhakaxhakeni ababufakayo endlebeni, eceleni bekumi omunye wabasizi bakhe enkundleni.
Omunye unondweba osuke ekhona enkundleni obizwa nge-fourth official usuke ebuka okwenzekayo ehlezi ngaphandle.
UChavani ube esesishintsha isinqumo, umdlalo waphela ngo 2-2.
"Angidingi ncazelo ngoba kungokwesithathu kule sizini iSundowns idlaliswa ngeVAR engekho. Kungokwesithathu, anibhali ngalokhu. Ngiyazi kahle imithetho yebhola, ungangibuza noma imuphi. Angizitholelanga ubala izicucu zokuqeqesha," kusho uMokwena kwabezindaba.
Uqhube wathi, empeleni womabili amagoli bekungafanele abalwe ngoba abashaywe abadlali besemhlabeni ongafanele.
Nangemuva komdlalo ezakhe ezabambana kuwo nePolokwane City, uMokwena wasola unompempe. Wayekhononda ngokuphikwa kwegoli lomgadli wakhe, uPeter Shalulile.
Umqeqeshi waMaZulu, uPablo Martin, wayedinwe eveva ngemuva kokushaywa i-Orlando Pirates ngo-4-2 kowama-qaurterfinal, eNedbank Cup ngempelasonto edlule.
Akazange abalule gama lamuntu. Kodwa okwahlaluka wukuthi ibhentshi loSuthu lalingeneme ngephenathi eyabekwa uMasixole Bambiso, eyinika iPirates kulo mdlalo eyenza kwayiwa ekhefini zibambene ngo 1-1.
Emasontweni edlule noweCape Town Spurs neSundowns, u-Ernest Middendorp, wakhala ngesinqumo sikanompempe uThabo Mkhabela, owanikeza iDowns iphenathi, yagcina inqobe ngo 1-0. Unompempe wayebone ukuthi uPeter Shalulile udlaliswe kabi ebhokisini.
U-Ebrahim utshele Isolezwe ukuthi banelisekile ngezinga lokudlalisa konompempe.
"Yebo siyavuma ukuthi akhona amaphutha abawenzayo. Nabo bangabantu. Labo abatholwe ikomiti benza amaphutha angabekezeleki bafakwa ohlelweni oluthile lokuhlolwa kabusha ngemithetho yebhola.
“Sincane kakhulu kule sizini nesibalo sonompempe esisabamisile. Lezi zikhalo yinto ejwayelekile uma sekuyilesi sikhathi sesizini. Kuyaphoxa ukuthi abantu abagxeka onompempe ekubeni bengayazi imithetho yebhola. Ukukutshela iqiniso nje, uma sesihleli phansi sicubungula izinqumo okukhalwa ngazo, esikhathini esiningi sithola ukuthi onompempe bebethathe izinqumo ezifanele," kubeka u-Ebrahim.
Mayelana nesinqumo sikanondweba, uChavani, uthe into ejwayelekile ukuthi uma unompempe engenaso isiqiniseko acele ukusizwa ithimba asebenza nalo.
"Empeleni awungibuzele kumqeqeshi weSundowns ukuthi ubeqonde ukuthini uma ethi bebedlaliswa ngeVAR. Unondweba ushintshe isinqumo ngemuva kokubonisana nozakwabo. Akukuhle lokhu kugxekwa esidlangaleni konompempe. Uma abaqeqeshi benuka okuthile ngezinqumo zabo, abeze phambili nobufakazi obubambekayo. Siyathembisa, sizozisukumela izinsolo zabo uma zibambeka.“
NgoSepthemba, iSafa yamisa uLuxolo Badi amasonto amane ngephutha lokungayiniki iKaizer Chiefs iphenathi, ibhekene neSundowns emlenzeni wesibili kowandulela owamanqamu eMTN8.
Kulowo mdlalo iChiefs yadliwa ngo-2-1. Seyihlanganiswe yomibili imilenze kwaba u-3-2.
UBadi wayengaqali ukumiswa, wahlaliswa ngasekupheleni kwesizini ka-2022/23 ngenxa yokuphika igoli likaPule Ekstein woSuthu lubhekene neRoyal AM. Wamiswa noCledwin Baloyi, Tshidiso Maruping noSimukelo Jali.